Uphindwe okwamenza kwiChiefs wavele waduba uMiddendorp eTanzania
Ucikwe yisenzo sabaphathi kwiSingida Fountain Gate eTanzania qede washaya isishwaphana sakhe wabuyela kuleli u-Ernst Middendorp.
Lo mqeqeshi bekusaphele amaviki amabili kade eqale lo msebenzi naleli qembu elidlala eliqhudelwaneni yeCaf kule sizini.
Ubesanda kulanda nabaqeqeshi bakuleli, oThabo Senong, Thembalethu noNdlomo ukuba bayomcedisa kulo msebenzi.
Kodwa ngemuva kokuyalelwa ukuthi kumele aqoke baphi abadlali, futhi anikwe nelinye iphini engalicelanga, uvele waduba.
Uthe izinkinga zaqala kancane akanganaka kanti zizokhula. Uthi kwaqala ngokuthi athengelwe abadlali ungazange ufunwe umbono wakhe ngabo.
Yize kunjalo usebenzile nabo, wakha isiko lokuthi akekho umdlali ongcono kunomunye eqenjini futhi abazoqala imidlalo abakusebenzele lokho ejimini.
Nebala uwunqobile umdlalo wakhe wokuqala neFuture SC yase-Egypt, kodwa wabizelwa emhlanganweni ngemuva kwawo.
Kulapho ke ephindwe esamenza kwiKaizer Chiefs eminyakeni emithathu edlule, etshelwa ukuthi iqembu alidlalanga kahle yize lalinqobile.
UMiddendorp usand akuveza ukuthi kwiChiefs waphoxwa phambi kwabadlali, etshelwa ukuthi iqembu lidlale ibhola elingelihle futhi ukuqeda endaweni yesibili kuyihlazo.
KwiSingida khona utshelwe ukuthi abadlali abathile akumele nje abasebenzise, kodwa kudlale abathile okuyinto emcike kakhulu.
“Ngesikhathi sibizelwa emhlanganweni wethimba labaqeqeshi esingatshelwanga ukuthi ngowani, besilindele izincomo.
“Kodwa kunalokho sizithole sisolwa ngokuthi iqembu linqobe ngegoli elilodwa futhi alishayanga amagoli amaningi ngokwanele,” kusho uMiddendorp kwabe-iDiski Times.
Ubanike neheheba lencwadi echaza kahle konke okwezekile okuholele ekutheni avele adube, abambe indiza ebuya kuleli.
FUNDA NALA: UNyirenda ucela isineke kwabeChiefs ngoChivaviro
Akachazanga ke ukuthi kwenzakaleni ngabasizi bakhe abebalandile ukuthi beyomlekelela kulo msebenzi wakhe. Funda le ncwadi yakhe ngezansi:
