Ezakamuva ezithinta oweStellies ogaqelwe yiChiefs
SIHLE NGUBO
Imizamo yeKaizer Chiefs yokuthola uLangelihle Phili, weStellenbosch FC, ayikashabalali kodwa kunesithiyo esikhona.
Ezakamuva zithi iChiefs bese ivumelene neStellies ngoPhili kodwa umphathi wezindaba zalo mdlali, uGlyn Binkin, usafuna ukubona ukuthi ngeke amtholele yini iqembu e-Europe.
Ekuqaleni iChiefs beyifuna ukunika iStellies u-Ashley du Preez noGeorge Matlou, bese yengeze ngemali ngaphezulu.
Nokho uMatlou useyishiyile iChiefs nokwenza ukuthi kushintshe ukudla epuletini.
Muva nje kuvela ukuthi iChiefs seyengeze ngoGiven Msimango phezu kukaDu Preez, nemali ngaphezulu.
Lokhu sekwenze yathamba iStellies kodwa uBinkin ufuna ame kancane amaqembu aseNingizimu Afrika agaqele lo mdlalo oneminyaka engu-21.
“Into ephambili kuPhili nagxile kuyona okwamanje ukuya phesheya. Yilokho esisebenzela kukona futhi iStellenbosch uyazi ngalokho,” kusho uBinkin kwiSoccer Laduma.
“Uma singatholi lokho esimfunela kona phesheya, yilaphoke umdlali nomndeni wakhe bezobona ukuthi yikuphi lapho angase aye khona.”
I-Orlando Pirates nayo imgaqele uPhili kodwa njengamanje kubukeka engawela kwiChiefs uma kungalungi phesheya.
Ukudlala kahle kukaPhili ngesizini edlule yikona okumenza afunwe amaqembu amaningi.
Emidlalweni engu-26 ayidlalile yeBetway Premiership, ushaye amagoli ayisikhombisa.
Kuyo yonke imiqhudelwano udlale imidlalo engu-39 washaya amagoli ayisishiyagalolunye. Lapha kubalwa nawashaye kwiCAF Confederation Cup.

