UPhili usevese uzifakile ezinhliziyweni zabalandeli beChiefs
SIHLE NGUBO
Ubukeka evele esezifake ezinhliziyweni zabalandeli beKaizer Chiefs, uLangelihle Phili osanda kujoyina leli qembu laseNaturena.
Lo mdlali, ovela kwiStellenbosch FC, kukhulunywe kakhulu ngokusayina kwakhe kuMakhosi emasontweni edlule.
UPhili, oneminyaka engu-21, ushaye igoli ngesikhathi iChiefs ibambana neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo.
Lo mdlali uthe kuyinto enkulu kuyena ukudlalela iqembu elikhulu njengeChiefs.
“Kimina ukudlalela iChiefs kuyisibuso nento enkulu, nokuthi ngikwazi ukusiza iqembu yinto eyaziwayo kubantu abangaphakathi eqenjini, nenhlangano engemukele ngezandla ezimhlophe,” kusho uPhili kwi-website yeChiefs.
“Banginike isimo sokuthi kube khona engikubuyiselayo ngokwenza konke okusemandleni nokudlala kahle.”
Ukushaya igoli lakhe lokuqala leChiefs emdlalweni omkhulu kangaka, bebhekene nelinye iqembu elikhulu, yinto emenza azizwe kahle kakhulu uPhili.
“Nakanjani uma usendaweni enkulu njengeKaizer Chiefs ufuna ukudlala imidlalo emikhulu.
“Ngakho ukushaya igoli sibhekene neSundowns, ompetha base-Afrika, yinto enkulu kimina, njengoba kubonakele kade ngijabula.
“Yize kunjalo inhloso yami ukusiza iqembu ngayo yonke indlela. Ukuze ngigcine ifomu yami kumele ngilalele umqeqeshi nalo konke ithimba labaqeqeshi, ngifunde kozakwethu bese ngizame ukusebenza kanzima ukuze ngibe umuntu ongcono.”
Nakanjani ukufika kukaPhili kwiChiefs, ahlangane nabadlali abafana noLuke Baartman, uMduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi, kuzobajabulisa abalandeli baMakhosi.
“Yinto eyenza uzizwe kahle kakhulu ukuthandwa abalandeli,” kusho uPhili.
“Ngesikhathi ngifika eqenjini into yokuqala bekuwukuthi ngizifake ezinhliziyweni zabalandeli. Ngizozama ukubajabulisa ngokuzinikela ngakho konke, okuyiyona into abayithandayo.”
Emdlalweni olandelayo weBetway Premiership, iChiefs izobhekana neRichards Bay FC, eThekwini, ngo-Agasti 26.

