AmankomaneEzakamuva

Nakhu okumele akwenze uHlula Dladla ukutakula isibhakela eKZN

Alfred Ngubane

UHlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotion useqokelwe ukuhola iKwaZulu-Natal Boxing Association. 

UDladla ubonakala engumholi oqotho njengoba enolwazi olunzulu ekuphathweni kwezimali kwazise usebenza kulo mkhakha kuhulumeni. 

Kodwa ke kwiKZN Boxing Association uhlalelwe umsebenzi onzima njengoba le nhlangano idonsa kanzima nje ezimalini. 

Kuzomele aqale abumbe abahleli bezimpi ukuthi bahlangane njengoba beyinhlakanhlaka  okwamanje. 

Okunye okuzomele akwenze wukuqhamuka necebo lokusiza abahleli bezimpi ngendlela okumele bayilandele uma befuna usizo lwezimali kuhulumeni. 

Phambilini bekuvamise ukuthi babekane nezinkinga ngoba bengawulandeli umthetho ofanele. 

Kuzomele aphinde anxenxe abaxhasi ukuthi bangene esibhakeleni njengoba sintula njena. 

Ukwakha ubudlelwano phakathi kwakhe nabahleli bezimpi ngokunjalo nomnyango wezemidlalo KwaZulu-Natal. 

Aqinise uhlaka lamabhokisa  ukuthi athole izimpi. 

Kuzomele ahluke kakhulu kosihlalo bangaphambilini uma ngabe efuna ukuthi lesi sifundazwe siphinde sikhonye kwezamankonyane. 

UHlula Dladla usemusha esibhakeleni kodwa usenomphetha abaningi ngaphansi kwesitebela sakhe. 

Unomphetha abathathu beWBF International  oGcina Makhoba, Mxolisi Zuma, noBathabile Ziqibu. 

FUNDA NALA: Kuqaqamba inhliziyo kuDu Preez, izolashwa ukunqoba kweChiefs 

Uphinde abe nomphetha besifundazwe abane okukhona kubo uPhiwayinkosi Mnguni osebuya nakuma-Olympics.