EzakamuvaIbhola

UMokwena ucashe ngesithupha ebuzwa ngoGaston Sirino

URulani Mokwena ucashe ngesithupha ngekusasa lomgadli uGaston Sirino odabuka e-Uruguay obukeka ephelelwa yindawi kwiMamelodi Sundowns. 

UGaston Sirino udlale imidlalo engu-24 kumaBrazilians ngesizini ka-2023/24, washaya amagoli amahlanu. 

Lo mgadli oneminyaka engu-33 kubukeka ebheke esangweni angena ngalo eChloorkop. 

UMokwena usechaze kabanzi ukuthi kungani uGaston Sirino engazange abonakale eqenjini lakhe emidlalweni yakamuva.

“Njengomqeqeshi ngineshwa elikhulu lokuthatha izinqumo ezincike kulokho engikubona nsuku zonke uma sizilolonga. 

“Kime ke ibhola lisho okungaphezulu komjiko nokukwazi ukuphasa ibhola.

“Lokho angikubhekisile kuSirino nje yedwa, kodwa kubo bonke abadlali beMamelodi Sundowns,” kusho uMokwena.

Lo mqeqeshi ubenengxoxo nomethuli weSports Night Amplified kwiMetro FM, u-Andile Ncube ngoMsombuluko.

UMokwena uphinde wadalula ukuthi akanawo amandla okusho ukuthi ubani ohlalayo noma ohambayo eqenjini.

“Kanti enye into engeyinhle nengasizini ngokuba ngabantu… 

“Uma uzwakalisa esidlangalaleni hhayi kanye, hhayi kabili, hhayi kathathu (ukuthi sewufisa ukushiya) ngeke simusole ngalokho ngoba naye ungumuntu, yena (uGaston Sirino) ungumuntu engimthanda kakhulu.

“Kodwa kunzima ukuthola okuhle kumuntu ongasafuni ukuba lapho. 

“Futhi uma umuntu ephumela obala, isibonelo nje, egqoka ijezi le-Al Ahly uma sidlala ne-Al Ahly kabili ekhaya nasekuhambeni.

“Njengoba ngishilo ukuthi ngiyayithanda iSundowns futhi ngiyazidela, kuningi engikufuna kimina ngale kilabhu.

“Ngibe sengibeka umthwalo ofanayo emahlombe alaba badlali.

“Anginawo amandla angako kule kilabhu. Anginawo amandla okwenza lezo zezinqumo.

“Ngenxa yokuthi ziningi izinto (izinkontileka) kukhona omfunayo (uSirino).

“Ziningi izinto, kukhona (imenenja yakhe), kuneqembu, kukhona umdlali futhi ziningi izinto ezenzekile.

“Futhi uma umuntu ethi ngenze iphutha kodwa manje sengifuna ukuhlala, kulungile, siyakuxolela.”

Kuzokhumbuleka ukuthi uSirino wake wakuveza ukuthi akasathandi ukuba kwiSundowns.

Kungesikhathi efunwa uPitso Mosimane kwi-Al Ahly eminyakeni embalwa edlule.

Nokho iSundowns yenqaba ukumdayisa ngesikhathi i-Al Ahly izama ukucela ukudayiselwa yena.