Ufuze uyise ngekhono uTeboho Mokoena weDowns neBafana
SIHLE NGUBO
UTeboho Mokoena, weMamelodi Sundowns, ushaya into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, lapho eyibambe khona neBafana Bafana.
Lo mdlali unekhono eliyisimanga futhi kukhona abakholwa wukuthi akhona amaqembu aphesheya angase amhlwithe kwiDowns.
Ukudlala kahle kweBafana Bafana kwi-Afcon eqhubekayo e-Ivory Coast, kungase kunike abadlali bakuleli amathuba amahle okuya phesheya.
Sekuyavela nokho ukuthi ukhamba lufuze imbiza kuMokoena oshaya into ethule esiswini.
Uyindodana ka-Alexis “Didi” Motaung, ongasekho. Leli nxele lalidlalela iFree State Stars ngaphambi kokuya kwiHellenic.
Ngesikhathi uMotaung efika kuleli qembu laseKapa laliqeqeshwa uGavin Hunt, osecija iSuperSport United, owayesemncane ngaleso sikhathi.
UMotaung udlule emhlabeni ngo-2010, kanti ngaleso sikhathi uTeboho Mokoena ubeneminyaka engu-13. Umama wakhe kuvela ukuthi usaphila.
UTeboho Mokoena ushaye elihle igoli (lesibili) ngesikhathi iNingizimu Afrika iqumba phansi iMorocco ngo 2-0 koweLast 16 we-Afcon, ngoLwesibili.
Kulowo mdlalo ukhale wemuka nomklomelo womdlali ovelele.
“Ngabona uTeboho Mokoena eseneminyaka engu-13, ngamletha kwi-Academy yami, iVirgina Sports Academy,” kusho uPitso Mokoena ongumqeqeshi, ekhuluma kwiRadio2000 kuleli sonto.
“Wayeqondile futhi edlala ngendlela enobuchule. Ngesikhathi ngimsayinisa ngangingazi ukuthi uyindodana kaDidi Motaung.
“Ngadlala noyise kwiFree State Stars.”
Esiswini uMokoena uyibamba kahle noSphephelo Sithole, uThemba Zwane noPercy Tau, kwiBafana Bafana.
Laba badlali kuzophinde kubhekwe bona uma iBafana Bafana seyibhekene neCape Verde kwi-quarterfinal ye-Afcon ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku.
FUNDA NALA: ILeopards iziphunga ngapha nangapha izesheli ezifuna uMuzeu
Uma iBafana Bafana inqoba lowo mdlalo izobhekana neqembu elizonqoba phakathi kweNigeria ne-Angola.

