EzakamuvaIbhola

URiveiro uthi iPirates iyakwazi okumele kwenziwe kwiMTN8

Yize behluliwe emidlalweni emibili edlule, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usalithemba iqembu lakhe lizokwazi ukuzibekisela indawo kowamanqamu kwiMTN8. 

IPirates izobhekana neStellenbosch FC emlenzeni wesibili wemidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano. 

Iqembu likaRiveiro lihamba phambili ngo 2-1 elanqoba ngawo umlenze wokuqala. 

Nokho iBhakabhaka lihlulwe kabili. Lishaywe yiJwaneng Galaxy ngo 1-0 emlenzeni wokuqala wokuhlungela isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League eGaborone. 

Iphindwe yiMamelodi Sundowns emdlalweni wakamuva weDStv Premiership, nayo isibamba ngo 1-0.

URiveiro uthi imidlalo yomkhumulajezi ihlukile uma kuqhathaniswa neyeligi futhi iletha umdlandla othe xaxa kubadlali. 

Yize ukuzethemba kungenzeka kwehlile eqenjini kulandela le miphumela yakamuva, uRiveiro akangabazi ukuthi bazongena kowamanqamu. 

“Indlela yokubhekana nemidlalo yomkhumulajezi ihluke kakhulu. Kungaba umlenze owodwa noma emibili.,” kusho lo mqeqeshi weBucs.

IPirates inerekhodi elihle lezindebe ngaphansi kukaRiveiro, inqobe iMTN8 neNedbank Cup ngesizini edlule.

“Silwa kakhulu kulolu hlobo lwemidlalo. Umehluko phakathi kwemidlalo yendebe nemidlalo yeligi ucacile … kuphela amaphupho kwelinye phakathi kwalamaqembu ngeSonto.”

URiveiro uyazi ukuthi lona wumdlalo okumele bawakhiphe wonke amangwevu kuwo. 

“Sizoya kowamanqamu, noma siwashe ijezi… Yilokho okushintsha yonke into. IStellenbosch ayizile e-Orlando ukuthola amaphuzu, kodwa izozama ukufinyelela kowamanqamu.” 

“Kusobala ukuthi sonke singawenza amaphutha. Uma ngithi angiwenzi amaphutha ngizozwakala ngiyisilima. 

“Akunjalo… Ngakho-ke, sizama ukunciphisa amaphutha ezinqumweni esizithathayo nasendleleni esihlela ngayo. 

FUNDA NALA: UNtseki uvuma ukubheda kwecebo lakhe ngephutha likaPetersen

“Asikukhohlwa kodwa ukuthi ibhola lisewumdlalo wamaphutha,” kuchaza lo mqeqeshi.