EzakamuvaIbhola

Umyalezo kaMokwena kuNtseki ohlezi lubhojozi kwiChiefs

UMqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uzwakalise ukuzwelana nozakwabo kwiKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, okumanje ubhekene nolaka lwabalandeli kulandela ukuqala kwakhe lukeke njengomqeqeshi kuleli qembu. 

Iqembu likaNtseki lihlulwe okwesine kule sizini emdlalweni walo wakamuva la belibhekene khona neCape Town City kuleli viki.

UMokwena, ekhuluma ngaphambi komdlalo wamanqamu weMTN8 la ezobhekana khona ne-Orlando Pirates, uveze ukuzwelana kwakhe noNtseki. 

“Ngizizwa nginozwelo ngoba sisemsebenzini ofanayo,” kusho uMokwena uma ebuzwa ngesimo sikaNtseki ngoLwesithathu.

“Nginesiqiniseko sokuthi uzofunda futhi akhule ngemuva kokubhekana nalezi zimo. Namuhla uyena, kusasa kungaba omunye umqeqeshi – kungaba yimina ngokuzayo.

“Lona wumsebenzi wethu futhi yilokhu esazifaka kukho mhla sithatha lo msebenzi,” kwengeza uMokwena osesimeni esihle kwiSundowns njengoba ephula amarekhodi sengathi uyabukisa. 

UMokwena uthe njengabaqeqeshi baba nezifiso zokuqeqesha emaqenjini amakhulu futhi kumele bazi ukuthi leyo misebenzi iza nengcindezi enkulu. 

“Abanye abantu bathi uma uthandazela ukuthi kuphume ilanga, kumele ulungiselele nemvula – kuthi lapho imvula ifika, ulungele ukubhekana nodaka.

“Leso yisimo somsebenzi wethu. Sithandazela ukuba abaqeqeshi bamaqembu amakhulu futhi uma uyinhloko yeqembu elikhulu, kufanele ulungele ukubhekana nezimo ezinzima.

“Lokho ngiyakwazi ngoba nami ngikuleso simo — angikhulumi ngoba ngingasazi lesi simo aabhekene naso. 

“UNkulunkulu usithanda sonke futhi ngiqinisekile ukuthi nakuye ilanga lizobuye liphume.

FUNDA NALA: UMngqithi uphendula abamhleka ngokuhlala kwakhe kwiDowns

“Unamava kunami, usezibonile lezi zimo eziningi kakhulu kunami futhi kufanele kube mina ngingumuntu wokugcina ongameluleka,” kwengeza uMokwena.