Bagasele emahhovisi baxosha isikhulu sele-PSL abalandeli
ALFRED NGUBANE
Kwenzeke into engajwayelekile – empeleni nje cishe bekungokokuqala yenzeka – ebholeni lakuleli abalandeli bezixoshela mathupha isikhulu abasisola ngokungenzi kahle.
Impempe isithole ukuthi abalandeli beMaritzburg United bahambe baya amahhovisi eqembu asenkabeni yoMngungundlovu bayocela ukuba isikhulu esithile siphume siphele.
Kuthiwa kumanje lesi sikhulu ebesiyimenenja sihambile kulandela izikhalo zabalandeli abebesisola ngokuphonsa iqembu ehlathini nokuba ngundlovukayiphikiswa.
IMaritzburg idliwe yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule njengoba seyigijima esigabeni sokuqala manje.
Alabandeli basole lesi sikhulu nangokuthi akabafuni abadlali baKwaZulu-Natal njengoba ebegcwalisa abadlali baseKapa bohlanga oluthile eqenjini.
Umthombo uthi abalandeli bazifikela mathupha emahhovisi eqembu bamtshela emehlweni usihlalo uFarook Kadodia ukuthi makaxoshe uJetoo.
“Kumanje akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo zezwe,” kusho lo mthombo. Imizamo yeMpempe yokuthola uhlangothi lweqembu ayiphumelelanga.
Kodwa kuthiwa kwayena uKadodia ujabule njengoba kwayena ubengaseneme ngale ndoda kodwa engazi angayisola ngani.
Lo mthombo uthe izisebenzi zeqembu zithe liphume nobomvu ngokushiya kwakhe ngoba bezicindezelekile, zingakwazi nokubeka imibono.
Uthi zikhale ngokuthi ukucwasa bekudla lubi kulesi sikhulu Impempe enalo igama laso kepha engeke ilidalule size siziphendulele.
Kuthiwa iqembu njengoba linqobe kalula nje ngoLwesithathu – lishaya iVenda FC ngo 5-1 – kungoba kuheleza umoya wenjabulo.
“Nabalandeli bazibophezele ekutheni yize iqembu lidlalela ngaphandle kwedolobha lethu okwamanje, bazolilandela bayoleseka ngoba sekulungisiwe obekuyisithiyo esibi.
Leli qembu liyidlalela eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, eThekwini imidlalo yalo yasekhaya njengoba laxoshwa eHarry Gwala Stadium.
Umasipala wayinika iRoyal AM le nkundla kanti leli qembu likaShauwn Mkhize lenqabile ukuyisebenzisa ngokubambisana neMaritzburg le nkundla.
FUNDA NALA: Umyalezo kaMokwena kuNtseki ohlezi lubhojozi kwiChiefs
IMaritzburg isendaweni yesithathu kwiMotsepe Foundation Championship la ilwela khona ukubuyela kwiDStv Premiership.