Mngomezulu: Sizosiza ukunqanda ukukokotela imingenelo
Alfred Ngubane
UMandla Mngomezulu, oyiphini likamengameli enhlanganweni eyungamele ezokusubatha KwaZulu-Natal, iKZN Athletics, uthi bazosebenzisana neComrades Marathon Association ukunqanda isihlava sokukokotela imingenelo yokugijima iComrades Marathon.
IComrades Marathon Association imise abagijimi abangu-25 kulo mjaho ozayo kulandela ukuncinzwa indlebe ngabathile ngabasubathi abayizigilamkhuba namahlongandlebe.
Ngemuva kophenyo, kuvele ukuthi bankonkotela imiphumela yokungena bagijime iComrades Marathon bengakwazanga ukwenza izikhathi ezifanele.
Okuvelayo ke wukuthi bekungekhona okokuqala kulo nyaka kuba khona abasubathi abagijima kulo mjaho kungabafanele.
Kodwa ke njengoba izinhlangano seziqalile ukuphumela obala ziveza isifiso sokusebenzisana ukuze inqandwe lento cishe kuzolunga.
UMandla Mngomezulu uphinde waveza ukuthi bazothumela abasubathi abangamashumi amahlanu nambili kwiComrades Marathon.
Abasubathi abazogadla ngabo phambili kukhona u-Ayanda Ngcobo, Menzi Mtolo noJanet Mbele.
UJanet usekwenze konke emabangeni amafushane kanti uMandla Mngomezulu uthe ngeke bamjahe kodwa bafuna ukuthi azofunda kule Comrades Marathon.
“Asijahile ukuthi anqobe noma abe phambili kodwa sifuna athole ulwazi khona ngeminyaka elandelayo ezoba esekulungele ukuncintisana nabanye abasubathi abanamava kunaye,” kusho uMngomezulu.
FUNDA NALA: Okwenze uJosef Zinnbauer agabhe iRichards Bay, aqome iRaja
Uthe okuhle wukuthi banawo namaqembu asesabalele izwe lonke okusho ukuthi bazoba baningi abasubathi abangaphansi kweKZN abagijima lo mjaho.