Afcon 2023Ezakamuva

U-Arendse neseluleko esimqoka kuRonwen Williams

U-Andre Arendse, owake wavimbela iBafana Bafana, useluleke uRonwen Williams ukuthi angayizibi eyokuya e-Europe uma ithuba livela.

URonwen Williams, weMamelodi Sundowns, ushiye ezenzele igama elihle e-Ivory Coast ngokushaya into ecokeme njengonozinti.

Ubuye nomklomelo kanozinti obaqwaqwade bonke emakhanda kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023.

Ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi kube namaqembu azofika kwiSundowns ezozidlisa satshanyana ngenhloso yokudayiselwa bona.

U-Arendse uthi uma livela ithuba elinjalo, komele angalokhu ecabanga kaningi, kodwa avele aligxumele ngoba vele sekushoda ayoziveza ezingeni elilandelayo.

“Ngicabanga ukuthi manje kumele aye phesheya kodwa kwazi bani ukuthi ucabangani,” kusho u-Arendse kwiSowetan.

“Ukuya phesheya kuzomenza anyukele kwelinye izinga.

“URonwen Williams usiphumelele isivivinyo sake ezwenikazi i-Afrika. 

“Manje okusele ukuthi ahambe ayozama ezingeni lase-Europe, adlale endaweni enjalo.” 

Emidlalweni emihlanu uRonwen Williams akazange adedele nelilodwa igoli nokuyinto eyenze ukuthi athole lo mkomelo.

Kuleyo midlalo yilapho iNingizimu Afrika ishaye khona iNamibia ngo 4-0, yadlala ngokulingana neTunisia ngo 0-0 kweyamaqoqo.

URonwen Williams uphinde wangangenelwa yigoli ngesikhathi iBafana ishaya iMorocco ngo 2-0 kwiLast 16, nangesikhathi ibambana neCape Verde ngo 0-0 kwi-quarterfinal, lapho yagcina iwine ngo 2-1 kumaphenathi.

Ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi uRonwen Williams uqophe umlando evimba amane, yadlulela kowandulela owamanqamu iBafana Bafana.

Ukuphindile lokho uWilliams evimba amaphenathi amabili ngesikhathi iBafana Bafana ishaya iDemocratic Republic of Congo ngo 6-5. Umdlalo ubuphele ngo 0-0 emizuzwini engu-120.