Usale ebika imbiba, abike ibunzi uTruter eshaywa yiChiefs
Emdlalweni weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, umqeqeshi weSekhukhune United, uBrandon Truter, usale ekhala ngamathuba abadlale ngawo namaphutha abawenzile behlulwa yiKaizer Chiefs ngoLwesithathu ebusuku.
IBabina Noko ibihamba phambili kulo mdlalo, kodwa izinto zajika ngasekupheleni komdlalo, yagcina ikhala ngaphansi.
IChiefs ibuyile, yanqoba ngo 2-1, okushiye uTruter ekhala ngamaphutha nokugejwa kwamathuba abawathole kulo mdlalo.
Bekungomunye waleyo midlalo lapho umphumela ubungase uhluke ukube izinto ezimbalwa bezihambe ngendlela abefisa ngayo.
“Umdlalo esibona kufanele ngabe sithole okuningi kuwo,” kusho uTruter ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi uBadra (Sangare, unozinti) wenze iphutha elilodwa ngesikhathi esusa ibhola, basijezisa.
“Sizame ukuqala umdlalo emuva, kodwa savele sahuqa ubuthongo… Ngibone abadlali bezixoxela izinganekwane, kwaphela kanjalo ngathi.”
Igoli lokulinganisa leChiefs liqhamuke ngemuva kokuthi uSangare ezame ukuqala umdlalo emuva okuyinto engahambanga kahle njengoba ibhola ligcine lingene enethini yakhe.
“Ngaphandle kwamashodi ambalwa awavimbe kalula, angizange ngimbone uBadra evimba amabhola anzima ngesiwombe sokuqala noma sesibili.
“No(Chibuike) Ohizu, ubhekane ngqo nonozinti kodwa akazange akwazi ngisho nokukhahlelela ipali.
“Kuthe ngasemaphethelweni uVila (Sibusiso Vilakazi) ushaye ipali, ibhola elibuya lapho saligeja.
“Kodwa ke, ngicabanga ukuthi besifanelwe okungcono, noma okuthile kulo mdlalo. Nathi besingenza kangcono.
“Kodwa ekugcineni, yithi ebesiphethe umdlalo. Sikwazile ukuthi sibacindezele, kodwa ukube sithathe izinqumo ezingcono, besingabajezisa.
FUNDA NALA: UBarr uveza isifiso sokuyiphetha kuleli imbenge ngebhola lakhe
“Kodwa ke ibhola linjalo. Njengoba ngishilo, ngicabanga ukuthi besingaphuma nokuthile okungcono kakhulu.”