EzakamuvaIbhola

UDove uthi iChiefs ilwa nokugwema amaphutha abucayi manje

Sihle Ngubo

U-Edmilson Dove weKaizer Chiefs uncome ozokwabo ngendlela abazinikele ngayo beshaya iSekhukhune United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

IChiefs bekubukeka sengathi izophinde ithole induku kulo mdlalo njengoba ike yalandela emuva ngo 1-0. 

Nokho ibuyile yashaya amagoli amabili ngesiwombe sesibili, yabuya nawo ephelele amaphuzu eThekwini.

UDove ushaye into ecokeme kulo mdlalo waze waqokwa njengomdlali obaqwaqwade emakhanda bonke. 

Uyena futhi oshaye igoli lesibili ngomzuzu ka-76, neliqinisekise ukuthi Amakhosi ayawunqoba umdlalo. Elinye lishaywe u-Edson Castillo ngomzuzu ka-60.

“Okokuqala ngifisa ukubonga uMdali ngokunginika leli thuba. Ngibonga ozakwethu ngokulwa ngale ndlela esenze ngayo ukubuyela emdlalweni,” kusho uDove ngemuva komdlalo.

“Kuyangijabulisa ukuqala umdlalo ngoba bengilimele. Ngibabonga kakhulu nabaqeqeshi ngokunginika ithuba.”

UDove uyena odlale kahle kakhulu kubadlali basemuva ephunga amafolosi eSekhukhune. Ubekhuluma egqugquzela abanye abadlali ukuthi bamake.

“Sizama ukulungisa indaba yokudedela amagoli ngezikhathi ezibucayi. Uma sibuyela eGoli sizozama ukuqhubeka nokwenza lokho,” kusho uDove.

Ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8, iChiefs idedele igoli ngomzuzu wokuqala. 

Komunye weDStv Premiership (ibhekene nayo futhi iSundowns) yadedela igoli ngomzuzu wokugcina esikhathini esisuke sengezwe unompempe.

Ukudlala kahle kukaDove Wkungase kumenze akhuhle ibhentshi uSifiso Hlanti onamaphutha kulezi zinsuku. 

FUNDA NALA: UModiba uncome iDowns igqilaza ‘os’duma ngabanye’ ngerekhodi

Emdlalweni olandelayo iChiefs izokwamukela iCape Town City eFNB Stadium, ngoLwesibili. ICity ivamise ukuyinikeza inkinga iChiefs.