UModiba uncome iDowns igqilaza ‘os’duma ngabanye’ ngerekhodi
Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns u-Aubrey Modiba ulibale nokuthi nguye ofake amandla ngendlela evelele ngesikhathi leli qembu liqopha elinye irekhodi ebholeni lakuleli.
UModiba udlale kahle esiza leli qembu libuye kade selilandela ngemuva futhi os’duma ngabanye sebethembile ukuthi izoshayeka ibhekene neStellenbosch FC – ligcine linqobe ngo 3-1.
ISundowns ilandele ngemuva ngomzuzu ka-14 kulo mdlalo weDStv Premiership obuseLucas Moripe Stadium oqale sekwedlule isikhathi ebesibekiwe ngenxa yemvula.
Igoli leStellies lishaywe ngumgadli wayo osemncane uDevon Titus. Kodwa kuyiwe ekhefini iSundowns seyivele ihamba phambili ngo 2-1.
Igoli elibuyisele iSundowns emdlalweni lishaywe uGrant Kekana kanti uModiba yena uqinisekise ukuthi abathethiswa ngekhefu, eyibeka phambili.
Nokho kube yigoli lokugicna elikhange kunawo wonke. Hhayi ngoba belilihle kakhulu kodwa ngendlela elishayeke ngayo, nomdlali olishayile.
Umgadli onamava, uPeter Shalulile ukhombise ukuba nozwelo ephasela umfana omncane uSiyabonga Mabena ukuba alinamathisele enethini ibhola yize ebengalishaya kwayena.
UShalulile ubebhekene ngqo nonozinti ngesikhathi enquma ukujika alibeke phambi kukaMabena ibhola ukuze ahaye igoli lakhe lokuqala eqenjini elikhulu kwiDowns.
Ngemuva komdlalo uModiba uncome leli qembu ngokusebenza kanzima ukuqopha amarekhodi amasha ngaso sonke isikhathi ebholeni lakuleli.
Lokhu kunqoba kwayo kuqophe irekhodi lemidlalo engu-32 yeligi iSundowns ingayazi nhlobo induku.
“Ngibongela iMamelodi Sundowns ngokuphula irekhodi lemidlalo engu-32 ingahlulwa (kwiligi),” kusho uModiba ngemuva komdlalo.
“Kudingeke sisebenze kanzima ngoba iStellenbosch ibingasinike thuba. Bayashesha futhi bekumele siphaphame emuva, sishaye namagoli.
FUNDA NALA: Igidigidi uNgezana eshaya igoli lokuqala kwelaseRomania
“Sisheshe sangenelwa yigoli kulo mdlalo kodwa okubalulekile wukuthi sikwazile ukubuya sigcine sinqobile.”