Ishiphelene kumdlali weChiefs nabaqeqeshi ababambile eqenjini
SIHLE NGUBO
Kuvela isizathu ezenza ukuthi engabonakali emidlalweni yakamuva umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uThabo Cele.
Lo mdlali, odabuka KwaMashu, kuvela ukuthi akalimele ndawo futhi akaguli – uwumqemane ngakho konke.
Inkinga emqhatha nabaqeqeshi ababambile kuze kuphele isizini kwiChiefs, uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze, ukuthi kunezinto ashaya amakhala ngazo ejimini, bese abe nemibuzo ngazo.
Ngokusho kukaPeter du Toit, ongumnikazi weSoccer Laduma neSoccerBeat, uCele ubelokhu enemibuzo ngamaqhinga abaqeqeshi ababili beChiefs, uma beziqeqesha eNaturena Village.
Leyo mibuzo yakhe seyimfake enkingeni njengoba ezithola engasadlaliswa manje.
E-Europe kuyinto evunyelwe ukuthi abadlali bafakele abaqeqeshi inselelo ngokubabuza imibuzo, kodwa kumele kube yinto eyenzeka ngenhlonipho.
UBrian Baloyi uke wazithola eshayisana noMuhsin Ertugral kwiChiefs, ngakho ukuba nemibuzo, obekungehli kahle kumqeqeshi.
“Ibhola umdlalo wemibono,” kusho uBaloyi owayedlalela iChiefs kwiSoccerBeat.
“Uma ubuza ngezinto ezithile, akukhona ukuthi usuke uzama ukungahloniphi.
“Kodwa usuke ubuza ngoba ufuna lokho okuhle wenzela nabanye abadlali, iqembu nawe futhi ufuna ukuzuza okuhle.”
Bakhona nabalandeli abakholwa ukuthi iChiefs inabadlali abahle kodwa abaqeqeshi ababasebenzisi ngendlela efanele.
Leli qembu lidlala ibhola elihle kodwa inkinga isekushayeni amagoli, okwenza lidlale ngokulingana imidlalo eminingi.
Muva nje abaqeqeshi beChiefs sebedlalisa kakhulu uGeorge Matlou esiswini, njengoba uCele engadlali.
Ngesizini ezayo kubhekwe ukuthi iChiefs iqashe umqeqeshi omusha kanti igama likaPitso Mosimane alisali ngaphandle.
Lo mqeqeshi, owake wacija iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly yase-Egypt, akanalo iqembu aliqeqeshayo njengamanje.
UJingles, njengoba aziwa ebholeni, useke wacashunwa ethi akanayo inkinga nokuyoqeqesha iChiefs, kodwa into angeke ayenze ukuthumela isicelo sokuqeqesha leli qembu laseNaturena.
Ngokwakhe ufisa iChiefs imbize ihlale phansi naye, ichaze izinhlelo zayo, uma izimisele ngokuthi ayosebenza kuyona.

