EzakamuvaIbhola

URamoreboli akayisabi nhlobo iPirates, uhlose ukuyigila

Umqeqeshi we-Jwaneng Galaxy, uMorena Ramoreboli, uzilungiselela umdlalo onzima ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu. 

Emasontweni ambalwa edlule, iqembu likaRamoreboli limangaze abaningi lishaya iPirates ngo 1-0 eBotswana National Stadium. 

Manje sebelungiselela umlenze wesibili la kumele baqedele umsebenzi wokuwashisa iPirates ijezi kwiCaf Champions League.

Uma inqoba, noma umdlalo uphela zibambene, iGalaxy iyobe seyidlulela phambili, zisale kanjalo ezikaMagebhula.

“Siyazi ukuthi kumele sizibambe ziqine ukuze sikwazi ukushaya iPirates e-Orlando,” kusho uRamoreboli. 

“Sizilungiselela umdlalo ongomkhulukazi ezimpilweni zethu ngoba siyazi bazolwa ngayo yonke indlela njengoba sawunqoba umdlalo womlenze wokuqala. 

“Bazobe bebheke ukujika izinto. Ngakho bazokwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi bayanqoba.”

URamoreboli uthi noma bazi ukuthi bazothwala uthayela emoyeni kwiPirates, kodwa ngeke babe yiminqolo.

“Kodwa ngeke sihlehle noma sivike kuphela… Siyolwa laphaya ngoba sifuna ukuqhubekela phambili kulo mqhudelwano.”

Kokumele akwenze ukulungiselela abadlali bakhe lo mdlalo, uRamoreboli akumele azikhathaze ngokubagqugquzela kwazise basemuzweni vele.

“Ngijabule ngendlela esizilungiselele ngayo. Abadlali babukeka bebukhali futhi bonke bafuna ukudlala kulo mdlalo.”

URamoreboli uvele ke unomlando omuhle uma ebhekene nePirates njengoba esayishaye kuyo yomibili imidlalo ayidlale nayo. 

Wayiqala kudala esakwiMaluti FET eyishaya ngo 4-1 emdlalweni weNedbank Cup njengoba eyiphindile nje namanje esekwiJwaneng Galaxy. 

FUNDA NALA: UMotswari ukhipha okusenhliziyweni ngokumehlele kwiPirates

Lo mdlalo uzoqala ngo-7 kusihlwa ngoLwesihlanu kanti kulindeleke inkundla igcwale phama njengoba abalandeli beZimnyama befuna ukufaka abafana babo umoya.