EzakamuvaIbhola

Sebenezesheli abakhululwe yiDowns, uMakgalwa ukhonjwa e-UAE

UKeletso Makgalwa usekhonjwa kwelase-UAE njengoba ekhululwe yiMamelodi Sundowns abesehlale kuyo iminyakanyaka. 

Lo mdlali wasesiswini ungomunye wabadlali abakhuliswe yileli qembu kusukela bebancane baze bangena eqenjini elikhulu. 

Nokho izinto azimvumanga njengoba isikhathi esiningi ubebolekiswa. Kulokhu alikho iqembu eliqhamukile lathi liyamfuna. 

Yingakho ke iSundowns igcine seyimkhulula, yamnika incwadi emvumela ukuthi usengajoyina noma yiliphi iqembu mahhala. 

UMakgalwa, oneminyaka engu-26, udlale imidlalo engu-37 kuphela kwiSundowns kulesi sikhathi asihlale kuyo. 

Uke wabolekiswa emaqenjini ehlukele okukhona kuwo i-All Stars, Moroka Swallows, Maritzburg United neTS Galaxy.

Okuvelayo ke wukuthi angase aye kwi-Al Wahda eqeqeshwa uPitso Mosimane e-United Arab Emirates (UAE). 

Kuthiwa zikhona nokho nezesheli khona kuleli okubalwa kuzo neRichards Bay FC neMoroka Swallows. 

Omunye umdlali naye odedelwe yiSundowns, uBradley Ralani yena kuvela ukuthi usezingxoxweni neTS Galaxy. 

IVIDIYO: UMthethwa uzethula kwabeChiefs, ubiza ekaKhuzani

URalani, oneminyaka engu-35 yena udedelwe ekupheleni kwesizini edlule kuleli qembu laseChloorkop afike kulo esuka kwiCape Tonwn City eminyakeni emithathu edlule.