EzakamuvaIbhola

Kubuyele umgadli nonozinti bePirates kwiBafana 

Abadlali abasanda kuqala ukuthola ijezi kwi-Orlando Pirates kule sizini sebebuyele eqenjini lesizwe, iBafana Bafana. 

Laba badlali abafike kwiPirates kade bevele belunguza kwiBafana, bebengalitholi ithuba elanele lokudlala kodwa ngemuva kokulimala kozakwabo, balithola. 

Unozinti, uMelusi Buthelezi uqale ukudlala kwiPirates ngesikhathi kulimala uSipho Chaine ngesikhathi iPirates ibhekene naMaZulu Fc emdlalweni weligi. 

Lo nozinti ofike kwiPirates esuka kwiTS Galaxy ekuqaleni kwesizini, uphinde wawuqala umdlalo bebhekene nePolokwane City. 

Ungenelwe yigoli emdlalweni wePolokwane. Wayevele eseqalile ukubizwa kwiBafana ngesikhathi ethengwa yiPirates kwiGalaxy.

Nomgadli u-Evidence Makgopa uthole ithuba ngoba sekulimele uZakhele Lepasa, kwanguye oqala imidlalo. 

Usaqale imidlalo emithathu kwiPirates futhi ubengakashayi nagoli, kodwa uHugo Broos usembuyisile. 

Naye uMakgopa wayesengenile kwiBafana kaBroos ngesikhathi ekwiBaroka FC kumasizini amabili edlule. 

Kodwa kuthe uma efika kwiPirates wakuthola kunzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo, wagcina ephumile nakwiBafana. 

UBroos, obekhipha uhlu lwabadlali azobheka kubo uma eseqoka iqembu elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo, uqoke nabanye abayisithupha kwiPirates. 

Kukhona oNkosinathi Sibisi, Tapelo Xoki, Thabang Monyane, Thabang Monare, Muguel Timm noZakhele Lepasa. 

NakwiGolden Arrows ubone ababili abangase bagcine beseqenjini lakhe. Uqoke umdlali wakwesokunxele emuva uBradley Cross noThemba Mantshiane. 

KwiKaizer Chiefs kubuyele uSibongiseni Mthethwa, wabe esephelezelwa uSifiso Hlanti noGiven Msimango. 

Lime kanje iqembu likaBroos, azohlunga kulo abangu-23. 

Onozinti: Ronwen Williams, Veli Mothwa, Ricardo Goss noMelusi Buthelezi

Emuva: Sydney Mobbie, Grant Kekana, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala, Thabiso Monyane, Siyanda Xulu, Given Msimango, Sifiso Hlanti, Bradley Cross, Tarriq Feilies, Taphelo Maseko, Thapelo Morena, Ime Okon, Thapelo Xoki, Themba Mantshiane, Khuliso Mudau. 

Esiswini: Grant Margerman, Teboho Mokoena, Jayden Adams, Njabulo Blom, Miguel Timm, Thabang Monare, Sibongiseni Mthethwa, Siphephelo Sithole, Ethan Brooks, Mlungisi Mbunjana. 

FUNDA NALA: Ibisishiphelene kwiRichards Bay nomdlali emgxalile

Phambili: Themba Zwane, Mihlali Mayambela, Evidence Makgopa, Khanyisa Mayo, Percy Tau, Zakhele Lepasa, Lyle Foster, Lebo Mothiba, Tshepang Moremi, Monnapule Saleng, Oswin Appolis, Bongokuhle Hlongwane, Ellias Mokwana.