UMatthews ujabule esiza iSundowns iqophe elinye irekhodi
SIHLE NGUBO
Uzwakalise ukujabula ngokudlala imizuzu engu-90 umdlali weMamelodi Sundowns, uTashreeq Matthews, oqokwe njengomdlali ovelele bebhekene neSekhukhune United.
Uveze lokhu kwesasa ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye iSekhukhune ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ebusuku.
“Imizuzu yami engu-90 yokuqala (kwiSundowns), ngijabule kakhulu,” kusho lo mdlali obedlala umdlalo wakhe wesibili.
“Konke ukubonga kumele kuye kozakwethu. Sisebenza kanzima sonke.
“Umqeqeshi wazi kahle ukuthi sibahle kuphi ngakho kumele sikholelwe eqhingeni lethu.”
ISundowns iqale umdlalo ngesikimu esihluke kakhulu kulo mdlalo.
Abadlali abaningi ibongele ukubhekana ne-Esperance yaseTunisia, emdlalweni womlenze wesibili weCaf Champions League, eLoftus Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.
Nokho lokho akubonakalanga nhlobo njengoba Abafana Ba’Style beqale umdlalo ngegiya eliphezulu, behlasela iBabina Nokho kuvalwe amehlo.
Kugcine konakele ngomzuzu wesibili ngesikhathi uTashreeq Matthews elibeka phakathi, yahamba phambili iSundowns.
Ayizange iyeke ukuyobuza ukuthi kuvaliwe ngempela yini endlini yeSekhukhune.
Ngomzuzu wesikhombisa ubuyile uThapelo Morena washaya igoli lesibili.
ISekhukhune izamile ukubhukula ngemuva kwalokho. Lokhu kuze kwaholela ekutheni kulimale unozinti uDenis Onyango, okuphoqeleke ukuthi akhishwe.
Indawo ka-Onyango ithathwe uJody February, ofike wenza kahle kakhulu evimba amabhola amabili abeza neSekhukhune.
Nokho ngesiwombe sesibili akukho abengakwenza okutheni uFebruary njengoba edliwe yiphenathi kaChibuike Ohize ngomzuzu ka-50.
Umdlali obedlale kabi ebhokisini leSundowns kube uBrian Onyango, ogcine ekheshiwe.
Ukuwina kweSundowns kuyenza ibe yiqembu lokuqala emlandweni wePremier League PSL ukungehlulwa emidlalweni engu-22 yeligi.
FUNDA NALA: Phakama Sekhukhune… uMakhubedu ufuna baqophe irekhodi
Abafana Ba’Style sebedinga amaphuzu ayisithupha kuphela ukuze babe ngompetha bePremiership okwesikhombisa kulandelana. Basalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili.