Sekusele kancane iqophe umlando iSundowns esunduze i-Al Ahly
Ukusunduza i-Al Ahly endleleni emqhudelwaneni womkhumulajezi sekubeke iMamelodi Sundowns eduze nokuthi iqophe umlando ebholeni lase-Afrika.
ISundowns seyisalelwe yimidlalo emibili ngaphambi kokuthi ibe ngompetha bokuqala beCaf African Football League.
ISundowns ibeke eceleni izinkunzi ezisathswayo ebholeni lase-Afrika, i-Al Ahly iyishaya ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili.
Leli qembu lasePitori lanqoba ngo 1-0 wegoli likaThapelo Maseko ekhaya ngempelasonto, yabe seyidlala ngokulingana kuba u 0-0 ekuhambeni. Lokhu kuyiwezele emdlalweni wamanqamu.
URonwen Williams wenze omkhulu umsebenzi kulo mdlalo obuse-Egypt evimba iphenathi ebizofaka iSundowns enkingeni ukube ingenile.
Nokho kuzomele izibambe ziqine njengoba izobhekana neWydad Athletic yaseMorocco engelinye lamaqembu aseyinkinga ebholeni lezwekazi.
Njengoba kungokokuqala udlalwa lo mqhudelwano, kubhekwe ngabomvu ukuthi iyiphi inkunzi kulezi eziyisishiyagalombili ebezimenyiwe kuwo ezowudla.
FUNDA NALA: IPirates ehlazweni ihluleka ukutomula amaphuzu kwi-ATM yeligi
Ngokwemiklomelo, iqembu elizonqoba i-AFL lizolidlula ngemali lelo elizogcina linqobe iCaf Champions League la i-Al Ahly izibusela khona.