EzakamuvaIbhola

URamoreboli uveza okwenza ayishaye kalula iPirates

UMorena Ramoreboli uveza imfihlo ejulile ngokushaya kwakhe ephindelela i-Orlando Pirates kusukela eseyivukane lo mqeqeshi. 

Waqala ngo-2013 ngesikhathi esaqeqesha iMaluti FET College, eyijikela esiswini wayibhuquzisa ngo 4-1.

Ngaleso sikhathi wayiwashisa ijezi kwiNedbank Cup ngeqembu elalidlala kwi-ABC Motsepe League. 

NgoLwesihlanu ukuphindile lokho eyiwashisa ijezi kwiCaf Champions League. Kulokhu usecija ompetha baseBotswana iJwaneng Galaxy. 

Emlenzeni wokuqala eBotswana, iJwaneng yashaya iPirates ngo 1-0. Owesibili e-Orlando uphele ngomphumela ofanayo, kunqoba iPirates. 

Kube sekuyiwa kumaphenathi la iJwaneng ifike yaqedela umsebenzi, yashiya kubanjwe ongezansi e-Orlando. 

Lo mphumela ufake umqeqeshi wePirates uJose Riveiro enkingeni kanti nekusasa lakhe alisaqhakazile ngendlela obekucatshangwa ngayo. 

Usengasizwa wukuphinde anqobe iMTN8 azodlala owamanqamu kuwo neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ozayo. 

Ebuzwa yiMpempe ukuthi ngabe wayitholela ikhathakhatha yini iPirates njengoba eyixaka kanje, uRamoreboli uvele wazihlekela.

Ube eseshaya ngamafuphi eveza imfihlo yakhe yokuqeqesha, athi ayimsizi kuphela kwiPirates kodwa kuyo yonke imidlalo yeqembu lakhe. 

“Imfihlo yami wukusebenza ngokuzimisela nangokuthatha nanoma yiliphi iqembu ngokuthi likhulu kunathi. 

FUNDA NALA: ISwallows ilugobe inkani Usuthu, ilushaya lungasaphelele

“Lokhu kwenza siwakhiphe wonke amangwevu. Ngaphezu kwalokho ke ngimema noMdali ukuthi ahlale eseduze nathi. Yileyo ke imfihlo yami.”