Kubaleka abadlali abamqoka kwiSwallows
IMoroka Swallows ingase ilahlekelwe gabadlali abamqoka ngenxa yokungaholeli kwayo ngesikhathi.
Kumanje kunabadlali okuthiwa abakayitholi imiholo yabo yangoDisemba kuleli qembu eliholwa uDavid Mogashoa ongusihlalo.
Leli qembu alikwazanga ukudlala imidlalo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba ngenxa yokuthi abadlali bebetelekile.
Lezi zinkinga ezikwiSwallows sezidale ukuthi abadlali bafune amadlelo aluhlaza engxenye.
UKagiso Malinga kumanje ujima neGolden Arrows la ebheke ukuthi asayinwe khona ngemuva kokucela ukukhululwa kwiSwallows.
Ngokuthola kweMpempe ngomthombo ongaphakathi eqenjini, baningi abanye abadlali abasezingxoxweni zokuthi bakhululwe.
“Abadlali bazama ukubaleka lesi simo esiseqenjini esenza bagcine benezinkinga emakhaya,” kusho lo mthombo.
“Abanye bathi sebebukwa kabi emakhaya ngoba basolwa ngokuthi babaleka nemali ekubeni bengaholile.
“Kuzoba nzima ukugcina abanye abadlali ngoba bafuna ukuvele bahambe,” kusho lo mthombo.
Uthe ngendlela abona ngayo, le sizini izophela kanzima kwiSwallows ngoba kungenzeka izithole seyishodelwa abadlali.
“Ngibona ukuthi nesizini bazoyiqedela kanzima njengoba bengasayizwa nhlobo indaba kaDavid Mogashoa ongusihlalo weqembu.
“Bamsola ngokuba ngushaya nezithembiso ezingekho.” Uthe iqembu kungenzeka ligcine lidonsa kubadlali abasenkulisa.
FUNDA NALA: IChiefs ichitha umbiko othi ichayiswe uMosimane
Omunye umdlali okuthiwa usendleleni nguLindokuhle “Ma-11” Mtshali okuthiwa akakwazanga nokuya ekhaya ngamaholidi ngoba inkece ishoda.

