Kumincelwe ‘ukucishwa komshini’ weSpurs eKZN
SIHLE NGUBO
Amaqembu aKwaZulu-Natal, iRichards Bay FC neRoyal AM, azothandazele ukuthi iSuperSport United icishe umshini weCape Town Spurs, egolozile ukudedela umphefumulo okokugcina e-ICU.
Amatsatsantsa a Pitori azokwamukela i-Urban Warriors emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.
Ukushaywa kweSpurs kuzosho ukuthi sekuphelile ngayo kwiPremiership, ibuyela kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
Lokho akungabazeki ukuthi kungehla kahle kwiNatal Rich Boyz neThwihli Thwahla abangakaphunyuki ekutheni bangadlala imidlalo yokuhlunga okungenzeka noma yini kuyona.
IRoyal AM yona iphephile ekutheni iqonde ngqo ehlathini ngoba isihlanganise amaphuzu angu-29 kanti isasalelwe yimidlalo emine.
Nokho leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize lisengazithola lidlala eyokuhlunga uma liqhubeka nokuthola isibhaxu.
Iqembu okufanele ukuthi lizoqinisa kakhulu emthandazweni (wokucishwa komshini weSpurs) yiBay.
Inamaphuzu angu-24 kanti uma ingayinqobi imidlalo emithathu ezayo, bese iSpurs iyinqobe eyayo, izoshoveleka ehlathini.
IThwihli Thwahla inomdlalo onzima olandelayo ezowudlala neMamelodi Sundowns, engompetha beligi, eHarry Gwala Stadium, ngoMeyi 14.
ISundowns ayikashaywa kule sizini futhi umgqigqo weRoyal AM awukhombisi ukuthi ingakushintsha lokho.
IBay nayo izokuthola kunzima kakhulu ukushaya i-Orlando Pirates ezobhekana nayo e-Orlando Stadium, ngoMeyi 11.
FUNDA NALA: IDortmund izoceba noma idliwe kowamanqamu weChamps League
IBucs iyasidedela isibhaxu kulezi zinsuku futhi namagoli iyawahlohla. Kubhoke kakhulu uTshegofatso Mabasa osebeke enethini angu-15.