EzakamuvaIbhola

Iqinise ibhawodi elingaxegi iSpurs, uBartlett akeneme

Ukuqasha ozophatha ezokuqeqesha kweCape Town Spurs kuyafana nje nokuthi iyazidlalela njengoba kungekhona la ixega khona. 

ISpurs iqashe uSean Connor ukuba azophatha ezokuqeqesha kuleli qembu nokuyinto abaningi abayibuka ngokuthi isho ukuphela komsebenzi kuShaun Bartlett. 

UConnor uneziqu eziphezulu zokuqeqesha njengoba eneze-Uefa Pro License kanti kuthiwa unamava njengoba enze imisebenzi ehlukene kwezokuqeqesha eminyakeni edlule. 

Ufika nje izinto azihambi kahle eqenjini njengoba lisahlulwe kuyo yonke imidlalo yayo kwiDStv Premiership kule sizini. 

Inyukele kulesi sigaba ekupheleni kwesizini edlule kulandela ukunqoba emidlalweni yokuhlunga. 

Emdlalweni wakamuva, iSpurs ithole induku ka 3-1 komkhaya bayo iCape Town City ngoMgqibelo ntambama.

Iqinisa ethimbeni labaqeqeshi nje uBartlett yena usand akukhala ngokuthi ushodelwa abadlali kuleli qembu. 

Kodwa ke abaphathi babobe kunguye inkinga njengoba sebelande lo mqeqeshi okungangabazeki ukuthi uzohola itshe lemali. 

UBarlett usanda kutshela Impempe ukuthi ubacelile abaphathi ukuthi bamthengele abadlali kodwa wafakwa kwi-voicemail. 

“Sengikhulume kaningi nosihlalo kodwa akakhombisi ukuthi uyezwa,” kusho uBarlett engxoxweni yakhe yakamuva neMpempe. 

“Uyathalalisa kube sengathi akukho lutho olonakele kuleli qembu. Manje angisazi ngempela ukuthi kumele ngithathe ini ngiyihlanganise nani ngoba anginabo abadlali. 

“Lesi sigaba seDStv Premiership sidinga abadlali abanohlonzo abakulungele ukulwa… abadlali bayalimala, abanye bathole amakhadi. 

“Mina ke kumele ngiqhathe usizi ngabo laba badlali abambalwa enginabo,” kuchaza lo mqeqeshi osemncane.

FUNDA NALA: UChaklas nesu elingasiza iChiefs ukuthola abadlali abasezingeni

Impempe isithole ukuthi lo mqeqeshi kumanje ucabanga kaningi ngekusasa lakhe futhi ngeke kuthuse ukuthi awulaxaze lo msebenzi wakhe maduze.