EzakamuvaIbhola

URiveiro uzoba yisikhukhukazi kubadlali bakhe kwiBucs

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, akazisoli neze ngezinqumo zakhe ngemuva kokuthi ezakhe ziwashiswe ijezi kwiCaf Champions League. 

IPirates ikhishwe yiqembu elingathathwa njengelinzima, iJwaneng Galaxy yaseBotswana kulo mqhudelwano. 

IJwaneng, eqeqeshwa uMorena Ramolebodi ongowokuzalwa eNingizimu Afrika, inqobe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ukuze idlulele esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.

IPirates ibinqobe lo mlenze wesibili weChampions League ngo 1-0 ngaphambi kokuthi umdlalo uye kumaphenathi njengoba owasekuhambeni wawunqotshwe iJwaneng ngomphumela ofanayo. 

Lo mqeqeshi usoliwe ngezinye zezinqumo zakhe kulo mdlalo njengoba ehlale nabadlali abebebonakala besindeka.

IPirates manje seyigxile kowamanqamu weMTN8 ezowudlala neMamelodi Sundowns eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

“Siyiqembu eliqinile futhi siyazi ukuthi kufanele sizinakekele kanjani kulezi zimo. Ngiyindoda ezibophezele ngeke ngiwubalekele umthwalo wami. 

“Bona (abadlali) benze konke ukuze babe semzuliswaneni olandelayo futhi angikwazanga ukubasiza ukuze bathole umphumela ongcono. 

“Sizozinakekelana ngoba siyazi ukuthi yini ezayo,” kusho uRiveiro ebuka umdlalo weSundowns.

URelebohile Mofokeng nguyena kuphela umdlali owageja iphenathi. U-Riveiro wenqabile ukuchaza ukuthi kungani kukhethwe lo mdlali osemncane kangaka ukushaya iphenathi, kuyekwa izinsephe esezinamava. 

“Wonke umuntu uzodlala indima ebalulekile kusukela manje ukuze kuqinisekise ukuthi wonke umuntu uzizwa ephephile futhi evikelekile ngekusasa. 

“Uma siwina sikwenza njengeqembu futhi uma sihlulwa sikwenza njengeqembu,” kusho uRiveiro.

URiveiro uphinde wachaza ngesinqumo sakhe sokukhipha unozinti uSipho Chaine, afake uRichard Ofori ngaphambi kwamaphenathi. 

U-Ofori wehlulekile ukuvimba ngisho eyodwa iphenathi.

“URichard Ofori ungene ngoba enguchwepheshe kumaphenathi. Ngeshwa, akakwazanga ukuvimba neyodwa kwamahlanu. 

“Yingakho iJwaneng isesigabeni samaqoqo manje,” kusho uRiveiro.

FUNDA NALA: Zisaqaqamba izinhliziyo kwabeChiefs ngeMTN8, kusho uChivaviro

“Akusho ukuthi asimethembi uSipho Chaine. Besicabanga ukuthi ngaphansi kwesimo ebesibhekene naso, uRichard angasinika okwengeziwe.”