Ubondla ekhaya ngemali yasemabhuqwini uCele weRoyal AM
USphiwe Cele, umdlali wasesiswini okhula ngendlela emangazayo weRoyal AM, usephawule ngokukhula kwakhe obekungelula njengoba manje esefinyelele ezingeni eliphezulu lebhola kuleli.
UCele kumanje ungomunye wabadlali abaezakhela igama kwiRoyal AM njengoba enyuselwe eqenjini elikhulu kule sizini esuka kwelenkulisa.
Uthi ukhule edlala ibhola lasemabhuqwini, edlala iziteki elokishini. Ngenxa yokwazi isimo sasekhaya, amasentshana abewaphiwa lapho ubewathumela kunina.
“Ngikhule ngidlala imiqhudelwano ekasi ngenxa yokuthi ngangingenaqembu,” kusho uCele ekhuluma ne-iDiski Times.
“Ekhaya bekungekho muntu osebenzayo. Imali engangiyithola beyisiza ekhaya. Ngezinye izikhathi bengithola u-R5 000 noma u-R6 000.
“Njalo uma ngisekhaya, into yokuqala engangiba nayo emqondweni wami wukuqinisekisa ukuthi ngibuya noma no-R4 000 uma ngiphumile.
“Lokho kwakuyinhloso yami ngaso sonke isikhathi, noma ke sekungaba u-R2 000 okungenani.
“Kodwa uma sesiyinqobile leyo miqhudelwano, bengizothola noma u-R6 000.”
UCele ufike kwezwakala kwiRoyal AM futhi useshayele iqembu amagoli amabili wakhela nozakwabo amathuba kababili.
“Ukuzethemba okubonayo kuvela ekuziqeqesheni kanzima,” kusho uCele.
“Ozakwethu bahlale bengiphusha futhi uma sekuyiwa emidlalweni kuvele kuzenzakelele nje.”
Indlela uCele ashaye ngayo amagoli akhe amabili ikhomba ukuthi ungumdlali osezingeni elihle kodwa ngeshwa bahluliwe kuyo yomibili imidlalo abhakuzise kuyo inethi.
Wawashaya bebhekene ne-Orlando Pirates neStellenbosch FC. Kodwa uCele ubebukeka engumdlali osenesikhathi eside ekulo mdlalo ngendlela awashaye ngayo.
Umdlalo weRoyal AM ebizobhekana kuwo neMamelodi Sundowns kuleli viki uhlehlisiwe njengoba leli qembu lasePitori lizodlala owamanqamu ngempelasonto.
FUNDA NALA: ISpurs inqumele umqeqeshi ugwayi katiki ngendlu abeqashelwe yona
Leli qembu likaShauwn Mkhize seliyoze libuyele enkundleni ngo-Okthoba 29 seliyobhekana neSuperSport United ekuhambeni.