EzakamuvaIbhola

Isiqalile iyagqilaza eyama-Kaizer Chips, iCity ichukuluze iChiefs

ICape Town City igcone iKaizer Chiefs esanda kumemezela ukuthi seyinama-Kaizer Chips wayo azodayiswa ezitolo maduze nje. 

IChiefs ithe ifuna abalandeli bethi bebuka ibhola bebe benambitha nobumnandi balo mkhiqizo wayo.

“Awukwazi ukubukela iTV ngaphandle kokudla ukudla okulula. Awukwazi ukubukela umdlalo enkundleni yezemidlalo ngaphandle kokudla ama-chips. 

“Ngakho-ke yilokhu esesikwenzile njengeKaizer Chiefs,” usho kanje okhulumela iChiefs uVina Maphosa

Ubekhuluma ngesikhathi ethula lama-Kaizer Chips eNaturena ngoMsombuluko komdlalo weChiefs neCity obuseFNB Stadium la ithole khona induku ka 1-0 wegoli likaKhanyisa Mayo.

Ngemuva komdlalo iCity ifake isithombe somfanekiso wama-chips wayo yabe isithi umehluko ngalawa awayo wukuthi anongwe ngamaphuzu amathathu. 

Kube izisusile ke izinkulumo, abalandeli bephikisana ngalesi senzo seCitizens sokugcona Amakhosi. 

Abanye bebethi sikokweyisa okungafanele kuleli zinga lamaqembu adlala kulo. Kusobala ke ukuthi yibaphi labo. 

Kodwa iningi belizihlekela, likuthatha ngokuthi ngamancoko akhona vele ebholeni lawa . 

Kukhona nabathe iCity idle ama-Kaizer Chips yabe seyithola umsoco wokuyidla nasenkundleni. 

FUNDA NALA: ‘Sizihlulekele thina,’ kusho uNtseki ngemuva kwenduku yeCity

Kusobala ke ukuthi isazogqilaza lento yama-chips ikakhulukazi uma leli qembu laseNaturena lingenzanga kahle.