EzakamuvaIbhola

‘Sizihlulekele thina,’ kusho uNtseki ngemuva kwenduku yeCity

ICape Town City iphinde yaphuma iqholosha eFNB Stadium seyidle amaphuzu amathathu ishaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa. 

IChiefs yiyo ebingaphezulu ngomdlalo kodwa yehluleka wukwakha amathuba acacile, okuyinto edumaze umqeqeshi uMolefi Ntseki. 

“Umphumela okunzima ukuwamukela ngoba uma ubheka, bebezele iphuzu elilodwa,” kusho uNtseki. 

“Bebehlezi emuva. Kodwa inselelo esibe nayo wukuthi abadlali bethu basesiswini bakwazi ukunyuka bayosiza ukuhlasela. 

“Nathi sihlale emuva, saphatha ibhola ezindaweni ezingasisizi ngalutho. Yingakho singakwazanga ukubafakela ingcindezi. 

UNtseki uthe iCity ibahlakaniphelile ngokuhlala emuva, ibavimbela ukuthi bengakwazi ukusebenzisa ijubane lika- Ashely Du Preez. 

“Ngicabanga ukuthi bebazi ukuthi sizofuna ukukhiphela uDu Preez amabhola ngakho bavele bahlala emuva. 

“Kodwa nathi bekumele sisondele bese sisebenzisa isikhala esiphambi kwezitobha zabo. Yingakho ngithi sihlulekile ungena engxenyeni yabo.”

Ngasekuqaleni komdlalo, iChiefs ebilawula umdlalo futhi ithembisa uma iya phambili, ihlasela. 

UPule Mmodi uphoqe uDarren Keet ukuthi avimbe ibhola lakhe alishaye eseduze kodwa lo nozinti wakwazi ukulivimba.

Ngakolunye uhlangothi, iCity ibibonakala inelisekile ngokuhlala emuva ilinde ithuba lokuhlasela ngokuzuma futhi ifike kuvalwe amehlo epalini lika-Itumeleng Khune.

Kuthe uma siqhubeka isiwombe sokuqala, iCity yaqala yaswabuluka, yaqhamuka neminyakazo yokuhlasela ethembisayo. 

UKhanyisa Mayo ucishe wabhakuzisa inethi ngekhanda kodwa ibhola lakhe lavele lageja kancane, okushiye u-Itumeleng Khune ethethisa abadlali bakhe basemuva.

Ngakolunye uhlangothi, uChristian Saile naye ucishe walibeka enethini ngekhanda njengoba womabili amaqembu abemagange ukuthola igoli lokwehlisa ingcindezi ngaphambi kwekhefu. 

Isiwombe sesibili siqhubeke ngesivinini esifana nesokuqala, womabili amaqembu ekhombisa ukudlala ngokuzimisela, ikakhulukazi uma ehlasela.

Kube yiCitizens ekwazile ukuthola igoli ngomzuzu ka-58. UMayo ezithole engamakiwe ngaphakathi ebhokisini leChiefs, walingqofela enethini. 

Emizameni yokubuyela emdlalweni, iChiefs yenze izinguquko. UKeagan Dolly, obesekuphele izinyanga eziyisithupha engadlali, ubuyele eqenjini ethatha indawo kaSaile. 

URanga Chivaviro yena ungene endaweni kaMmodi. Lezi zinguquko zilethe indlela ehlukile yokuhlasela kuChiefs, uDolly ethumela amabhola ebhokisini. 

FUNDA NALA: ‘Asifuni ukuphinde sikhale,’ kusho uJose Riveiro wePirates

Nokho, iCity ibingasanyakazi emuva futhi igcine ikwazile ukuphinde ishiye kukhalwa eFNB Stadium, njengoba yenza nasemdlalweni wokugcina wangesizini edlule.