UJabu Mahlangu uthi uButhelezi yinkomo ethi mooooo
SIHLE NGUBO
UJabu Mahlangu, owayedlalela iKaizer Chiefs, uyaziphendulela kuLinda Buthelezi othe yena noJunior Khanye abazona izinkakha zeChiefs.
UButhelezi, owake wadlalela iChiefs neBafana Bafana, uthe uMahlangu akumfanele ukubizwa ngenkakha ngoba kwamhlula ukufinyelela ezingeni lakhe ngesikhathi sakhe.
“Ngemuva kukaDoctor Khumalo iChiefs ayizange ibe nayo enye inkakha. Uyena yedwa inkakha engiyaziyo mina. Ngeke ungitshele ukuthi uJabu Pule (osebizwa ngoMahlangu) noJunior Khanye bayizinkakha,” kusho uButhelezi.
“Baphakathi kwabadlali abahle ababethembisa ukuthi bangagcina beyizinkakha kodwa bamosha yonke into. UJabu ungomunye wabadlali abancane abasezingeni eliphezulu ukugqoka ijezi leChiefs kodwa ngeke umbize ngenkakha.”
UMahlangu uthe uButhelezi umjwayela kabi ngokusebenzisa igama lakhe kungenasidingo.
“Okokuqala nje wena bhuti omdala angikaze mina ngathi ngifuna ukuba yinkakha yeChiefs. Angikaze ngazibiza ngenkakha, angikaze ngazibiza ngosaziwayo,” kusho uMahlangu kwividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
“Uwubani ngoba bewuyinkomo wena? Noma kubalwa izinkakha zeBafana Bafana igama lakho alikho. Wena uyinkakha yamakhadi abomvu, amakhadi aphuzi nokungcola nje enkundleni, nokukeqa abantu enkundleni.
“Uyinkomo wena…into enginyanyisayo engingeke ngiyimele ukungahlonishwa enye indoda. Umdala kunami wena Linda kodwa nami ngiwubaba womunye umuzi. Yekela ukufaka amagama abanye abantu kungenasidingo. Uyinkomo wena.
“Bewusizwa nje ukuthi ubudlala naboDoctor (Khumalo) naboShoes (Moshoeu). Uyinkomo wena Linda Buthelezi.”