Ezakamuva

URulani Mokwena ucacisa ngokwenzekile ecisho eboshwa e-Algeria

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi omusha we-Al Ittihad yaseLibya, uRulani Mokwena, usephawule ngokwenzekile ngesikhathi ecisho eboshwa esikhumulweni sezindisa e-Algeria.

UMokwena kubikwa ukuthi uke waphazamisana nengalo yomthetho esikhumulweni sezindisa e-Algeria, ngoba ubephethe imali elinganiselwa ku-€14, 200 okuthiwa ithathiwe kuyena.

Ngemuva kwalokho ube esenikwa isigwebo sezinyanga ezimbili esilengisiwe, wase ehlawuliswa nemali, wadedelwa.

Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika osanda kushiya iMC Alger yase-Algeria, uvumile ukuthi ubephethe imali kodwa bekungeyakhe.

“Besisendleleni ebheke e-Instabul kanti bekuyimina nabanye ozakwethu abathathu,” kusho uMokwena ekhuluma noRobert Marawa kwi-947.

“Ngizizwe ngithinteka ukuthi yinini ngedwa obekwi-business class (indawo ehlala izicukuthwane).

“Sifike esikhumulweni sezindisa sangena ebhanoyini, basitshela ukuthi singakwazi ukukhokhela abanye ozakwethu bahlale endaweni engcono.

“Ukushaya ngamafuphi, sifike lapho kukhokhwa khona satshelwa ukuthi singakwazi ukukhokha ngemali esesandleni kuphela (hhayi ikhadi).

“Sibe sesizama ukuthola imali yokukhokha satshelwa ukuthi lokho singakwenza kwi-online kuphela…sizamile ukwenza lokho kodwa kwangavuma ngoba ibingasebenzi noma bese kudlule isikhathi, into enjalo nje.

“Sibe sesisala siphethe imali esandleni kanjalo. Bekuyithina sobane kuphela kungekho ebesizomnika imali. Yilokho okwenzekile.

“Kodwa angazi noma ungantshontsha imali eyiholo lakho noma oyisebenzele kanzima izinyanga eziyisishiyagalolunye, uyisebenzele kanzima nje.”

Kuyaziwa ukuthi kwamanye amazwe bakuvumela ukuthi uphume nemali ethile, bese bakunqande uma uphethe isamba esingaphezulu kwaleso abasemukelayo.

E-Algeria awuvunyelwe ukuphatha imali engaphezulu kuka-2000 USD, kanti uMokwena kuthiwa ubephethe ecisho ifinyelele ku-15000 USD.