UMokwena ujulukiswa eyokungalulami komdlali ‘amdingayo’
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns usechazele kabanzi ngesimo sikaLucas Ribeiro, wathi uyingxenye yabadlali abane akangabazayo ukuthi uzoba nabo emdlalweni wamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.
ISundowns izobhekana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini kulo mdlalo osuvele ubhekwe ngabomvu.
URibeiro ulimale ngesikhathi beshaya iBumamuru ngo 2-0 emdlalweni womlenze wesibili wokuhlungela kwiCaf Champions League.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi uMokwena ubalule ukuthi badinga isikhathi esengeziwe ukuze bahlole ukuthi uRibeiro ulimele kangakanani.
Okwamanje lo mdlali waseBrazil usekhona ezinhlelweni zeqembu zomdlalo wamanqamu yize engakalulami ngokugcwele.
USipho Mbule yena sekuqinisekisiwe ukuthi ngeke abe khona kulo mdlalo njengoba efake izicathulo sokumelapha ukulimala eqakaleni kumanje.
“Mningi umsebenzi owenziwa yithimba lodokotela,” kusho lo mqeqeshi ngoLwesithathu.
“Abalimele kakhulu oSipho Mbule, uThapelo Morena, Thapelo Maseko…
“Esinokungabaza ngabo o(Bathusi) Aubaas, u(Lesiba) Nku yena usebuyile, uLucas Ribeiro uzohlolwa sekusondele umdlalo.
“Yilabo okwamanje. Abanye bayimiqemane. Kumele sisicophelele lesi simo ngokuthi sigxile kakhulu kubadlali esinabo, esizilungiselela nabo.”
UMokwena uthe bazolinda kuze kube ngumzuzu wokugcina ukuthola ukuthi yimuphi umdlali abangakwazi ukumsebenzisa ngoMgqibelo kulaba abalimele.
“Sizolinda size siphoqeleke ukukhipha uhla lwabadlali esizoqala ngabo umdlalo, uma sekusele imizuzu engu-90 uqale umdlalo uma kudingeka senze njalo.
FUNDA NALA: Uzama kwele-ABC Motsepe owayegijima kwiChiefs nePirates
“Sizokwenza njalo ngabo bonke abadlali. Sike sakwenza lokhu naphambilini futhi kuke kwenzeka abanye balulama ngaleso sikhathi.”