Uphenduke u-Estella owoSuthu, uthi akayi ndawo yena
Sekuvele izinsolo ezimbi ngomdlali waMaZulu FC osephenduke u-Estella njengoba yena ethi akayindawo, uzohlala kuleli qembu yize sekucacile ukuthi akadingeki.
Lo mdlali kuthiwa ungomunye iqembu ebelifuna ukubachitha, kodwa wenqaba njengoba esenenkontileka ende.
Kuthiwa wanqaba ukuba akhokhelwe imali yomholo wezinyanga eziyisithupha ukuze akhululeke, ayofuna itoho kwenye indawo.
Nemizamo yokubolekisa ngoMswati Mavuso nayo ayiphumelelanga njengoba kuthiwa uyanqaba ukushiya aye kwelinye iqembu.
Kumanje ujima engxenye, akajimi neqembu elikhulu kodwa lokho kuthiwa akumxaki, nqobo nje uma eholile yena.
Umthombe weMpempe osondelene naleli qemu uthe lo mdlali wayesayinwe njenkontileka yesikhashana, kodwa waba nenhlanhla yokuthi yelulwe.
“Yelulwa enye yezimenenja lezi ezigcine zikhonjwe indlela kuleli qembu njengoba belihlela kabusha izinto.
“Yarojwa yimenenja yalo mdlali nayo yalutheka yamelulela manje iqembu selisele nenkinga ngaye.
“Yimemenja yakhe enqabayo ukuthi ashiye ngoba iyazi le mali abayithola kuMaZulu ngeke bayithole ndawo,” kusho lo mthombo.
AbeFAR Post bona bacaphune umengameli waMaZulu, uSandile Zungu naye ekhala ngomfo kaMavuso ethi usephenduke ixoxo wena owalibona libheke emsamo.
“Ngicabanga ukuthi akasafuni ukudlala ibhola, yilokho okungifikele ngaye,” kusho uZungu.
“Sesizamile ukumtholela amaqembu ebesizombolekisa kuwo kodwa ngibona ngathi akasenandaba nokudlala ibhola.
“Ngicabanga ukuthi ufuna ukuhlala nje aqhubeke adle le mali ayithola kuMaZulu – yilelo iqiniso.
FUNDA NALA: Uvuma ukuthomba kokhiye uTembo weRichards Bay ehlulwa yigoli
“Akukho okutheni esingakwenza uma umuntu engasafuni ukudlala ibhola. Akekho nhlobo ezinhlelweni zomqeqeshi.”