UBlom uveza okwenza kwaba lula ‘ukuduba ikhaya’ kwiChiefs
Ukungavumelani ngemihlomulo ngesikhathi kunezingxoxo zenkontileka entsha yiyonanto eyenza uNjabulo Blom washiya iKaizer Chiefs.
Lo mdlali odabuka eDobsonville, eSoweto, ushiye kuleli qembu akhuliswe yilo ngoJanuwari, waya kwiSt Louis City yase-USA.
Ufike khona waba ngomunye wabadlali abagqamile njengoba edlala ibhola elinenkosi phakathi, eshaya namagoli amahle.
Yize kwaziwa ukuthi yingxabano eyaqutshulwa yimali eyamhlukanisa neChiefs, yena ubengakaze akuveze esidlangalaleni lokho.
Ngaphambi kokuthi ahambe, imenenja yakhe, uRob Moore yakhiphela umphakathi ihlazo lokuthi ubeholelwa imali encane kanjani kuleli qembu.
Lokhu akwehlanga kahle kuleli qembu, izinto zangabe zisaphinde zilunge kwagcina ngokuthi uBlom alishiye isigubhukane leli qembu.
Kwakusasele izinyanga eziyisithupha kwinkontileka yakhe, kanti iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates babecuthile ukubona uukuthi kuphela kanjani.
“Ngangisazama (ngesikhathi kufika leli qembu lase-US) ukubheka ukuthi ikusasa lami libhekephi,” kusho lo mdlali osekhempini yeBafana.
“Lokhu kungoba kwakunezinto ebezingahambi kahle kwiChiefs, sasingavumelani ngenkontileka entsha.
“Ngakho-ke, imenenja yangitshela ukuthi kuneqembu elisha lase-US elingakuthakasela ukungithola, futhi kungaba yisinyathelo esihle kimina.
“Wathi ukuya kulo kungaba yisitebhisi sokudlulela e-Europe,” kuchaza uBlom oneminyaka engu-23.
Akubanga ke yisinqumo esilula ngoba ukuhamba kwakhe kwakusho ukuthi uyashiya kuleli, ushiya abantu abajwayele uyoqala impilo le kwelika-Obama.
“Ngahlala phansi nomndeni wami… Sanquma ukuthi kuyisinyathelo esihle ngempela futhi esizongena ngikhule njengomuntu nanjengomdlali.
“Kwakusho ukuphuma endaweni engiyijwayele futhi enginethezekile kuyo. Kwangikhulisa kakhulu lokho.”
FUNDA NALA: UThidiela ufuna uguquko ohlakeni lokuphathwa kwePSL
Okwamsiza uBlom wukuthi leli qembu liqeqeshwa yinsizwa yakuleli, uBradly Carnell owake wadlala kwiChiefs, waqeqesha nakwiPirates.