Imenenja ichitha izinsolo ngomdlali ‘ofuna ukuhola engadlali’
Umengameli waMaZulu FC usanda kucashunwa eveza ukuthi umdlali wasesiswini uMswati Mavuso usephelelwe wumdlandla wokudlala ibhola.
Ngokwemibiko, uMavuso uthenjiswe isinxephezelo sokunqanyulwa kwenkontileka yileli qembu, wasinqaba.
Unikezwe nethuba lokuthi abolekiswe kwamanye amaqembu ukuze adlale kwazise akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi kuMaZulu, kodwa nalo walichitha.
Nokho, imenenja kaMavuso, uMinenhle Mkhize, isephumele obala, ngenile yavikela lo mdlali futhi yacacisa ngesimo sakhe noSuthu.
Ebhala kwiFacebook, uMkhize uthe, “Ngifuna ukucacisa ngamanga okuthi uMswati akasafuni ukudlala ibhola.
“Siphatheke kabi kakhulu ngenkulumo kasihlalo waMaZulu ethi uMswati Mavuso akasafuni ukudlala ibhola. Lokho kuqhelelene kakhulu neqiniso.”
UMkhize uchaze ukuthi uMavuso ujoyine Usuthu kubhekwe ukuthi avale isikhala sikaMakhahleleni Makaula oshiye ngesizini edlule eya kwi-Orlando Pirates.
Wanikezwa inkontileka yezinyanga ezinhlanu enombandela wokuyivuselela, okuyinto Usuthu olwayenza ngaphambi kokuthi iphele.
UMkhize ubalule ukuthi uMavuso ubuyile ngesikhathi iqembu liqala amalungiselelo esizini entsha ngoba ekholwa wukuthi unenkontileka yeminyaka emibili.
Nokho wabe esetshelwa ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi woSuthu uPablo Martin.
Leli qembu libe selinikeza uMavuso isinxepehezelo sokunqanyulwa kwenkontileka yakhe esingumholo wezinyanga eziyisithupha.
Imenenja ukuthi lesi sinxephezelo sasisincane kakhulu ngoba wayezosala namasenti uma sekuthathwe nentela.
UMavuso akakazange alenqabe ithuba lokubolekiswa, ngokusho kukaMkhize.
Uqhube wathi bazamile ukutholela uMavuso iqembu abengabolekiswa kulo kwala khona ukuthi isikhathi bese sihambe kakhulu.
UMavuso wabe esephakamisa ukuthi iqembu limkhokhele isinxephezelo somholo wonyaka, limnike nemali yokusayina neyesibonelelo sendawo yokuhlala.
Nokho leli qembu alivumanga ukuhambisana naleyo mibandela nokuholele ekutheni lo mdlali athathe isinqumo sokuhlala aqedele inkontileka yakhe.
“Wabuza ukuthi iqembu lingamkhokhela yini umholo wonyaka owodwa njengesinxephezelo, imali yokusayina nesibonelelo sakhe sendawo yokuhlala.
“Iqembu belingazimisele ngokumnikeza lokho, umdlali wanquma ukuhlala ke aqedele inkontileka yakhe.
“Akusilona iqiniso ukuthi akasafuni ukudlala ibhola. Usazimisele ngokudlala ibhola kodwa akafuni kudlalwe ngaye.”
FUNDA NALA: Bagasele emahhovisi baxosha isikhulu sele-PSL abalandeli
UMkhize uphinde waveza ukuthi uMavuso ubengakawutholi umholo wakhe kaSepthemba yize sekudlule izinsuku eziyisithupha kudlule usuku lokuhola.
Uthe bakhulumile neqembu ngalokhu, lathembisa ukuthi yinto elizoyilungisa ngokushesha.