U-Ertugral uthi iPirates izokwenza isimanga ‘ivuka ngeSundowns’
ALFRED NGUBANE
UMuhsin Ertugral, ongumqeqeshi onegama elihle uma kuziwa ekubutheni izindebe kuleli ukholwa wukuthi i-Orlando Pirates ingavuka ngeMamelodi Sundowns.
Uthi lokhu kungenxa yokuthi umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro ukuqonda kahle ukuthi kuchazani ukunqoba le ndebe.
“IMamelodi Sundowns idlala kahle kakhulu, kodwa umdlalo wendebe uhlelwa ngendlela eyehlukile kakhulu nephuthumayo,” kusho uMuhsin, owaziwa ngelikaMshini kuleli.
“UJose Riveiro uthwele ubunzima kakhulu njengoba emidlalweni emine ayikanqobi nowodwa.
“Leli qembu lisashaye igoli elilodwa kule midlalo, langenelwa amagoli amabili… Bona abadlali bakhombisa ukwehlelwa yizinga lokudlala kule midlalo edlule.
“Lokhu sekubeke engcupheni yokuxoshwa uJose Riveiro… Kodwa ukunqoba lo mdlalo kuzokwehlisa amaphaphu kubalandeli be-Orlando Pirates.”
IPirates yiyo ezobe iyiqembu lasekhaya kulo mdlalo wamanqamu ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-6 kusihlwa.
U-Ertugral uthi ulindele abalandeli bePirates, engelinye lamaqembu ake wawacija, kube yibo abaningi enkundleni.
FUNDA NALA: UTruter uzibona eseyinhlanzi eshelwe amanzi kwiSekhukhune
Uthi abalandeli babalulekile ngoba bafaka abadlali umuzwa ohlukile, owenza bafune ukuvelela phambi kwabalandeli babo.