Uchizele Usuthu umdlali oselobizela iChiefs
Kungase kuthunukale amanxeba abesephola kuMaZulu FC uma omunye umdlali wawo esesayina inkontileka yesethembiso neKaizer Chiefs ngoJanuwari.
Kuvela ukuthi lo mdlali uchizile ngesikhathi leli qembu lizama ukumelulela inkontileka kanti kuthiwa inhliziyo yakhe seyiseNaturena.
Kuzokhumbuleka ukuthi akuyena umdlali wokuqala kuMaZulu ukwenza kanje, noSiyethemba Sithebe wenza okufanayo kumasizini amabili edlule.
USithebe wayelokhu ebhala ecisha ngesikhathi Usuthu luzama ukumelulela inkontileka kanti uzoqhamuka esesayine eyesethembiso kwiChiefs.
Ngaleso sikhathi umengameli woSuthu wacasuka wathelwa ngamazi, waze wanquma ukuthi lo mdlali engajima neqembu kodwa angalinge adlaliswe.
Kwala ngisho umqeqeshi wangaleso sikhathi, uBenni McCarthy esencenga ethi uyamdinga yena umdlali wakhe eqenjini. Kwaze kwaphela inkontileka engadlalanga.
Manje kubukeka kuzowaphinda lokho AmaZulu njengoba kuthiwa uSiphesihle Maduna naye uyinqabile inkontileka entsha abenikwa yona.
Ngokombiko weKickOff, lo mdlali usebheke ukuthi kushaye uJanuwari, kuvulwe iwindi lokusayinwa kwabadlali bese esayina kwiChiefs.
Njengoba kuzobe sekusele izinyanga eziyisithupha iphele inkontileka yakhe Osuthwini, uzobe esevumelekile ukusayina eyesethembiso engxenye.
Kodwa uma iChiefs ifuna ukumthola ngaso leso sikhathi kuzomele ikhiphe okuncame imthenge kuMaZulu.
Ngale kwalokho kuyomele ilinde kuze kuphele isizini bese kuba yima ezoyijoyina lo mdlali waseswini onekhono elihle.
FUNDA NALA: Kucaciswa eyokuqokwa kweDowns kwi-AFL, kusale ontabakay’khonjwa
“UMaduna wanikezwa inkontileka entsha kuMaZulu kodwa wayichitha. Iphupho lakhe wukujoyina iKaizer Chiefs,” kucashunwe umthombo usho kanje.