EzakamuvaIbhola

Imibango yasenkundleni engase ikhiphe umpetha kwiBucs neDowns

Cishe wonke amehlo abalandeli bebhola kuleli athe njo emdlalweni weMTN8 ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ozokhipha ompetha bale ndebe. 

Lo mdlalo useMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kanti uzoqala ngo-6 kusihlwa, Impempe ibheka imibango yasenkundleni okuyiyo engase iqaqe lo mdlalo. 

Zakhele Lepasa v Mothobi Mvala

Selokhu ebuyile ekubolekisweni kwakhe kwiSuperSport United, uLepasa ubuyelwe yifomu yakhe kule sizini, esehlohle amagoli angu-10 emidlalweni engu-11 kuyo yonke imiqhudelwano. Ube yingozi kubadlali basemuva kulo mkhankaso wokuvikela le ndebe. Kodwa uke wahlaba ikhefu ekubhakuziseni inethi emidlalweni embalwa edlule. 

Nokho uma kuke kwenzeka iSundowns yamlibala, yamnika ithuba, engayigila isilo sengubo. Kodwa ke kufanele ukuba uzobekelwa uMvala ukuba abe ngunogada wakhe njengoba naye esefomini enhle nje. 

Akungatshazwa ke ukuthi uzobe esemqaleni kaLepasa njengoba enzile emdlalweni weligi lapho amvala wathula du. 

Thabang Monare v Teboho Mokoena

UMokoena ungumdlali wasesiswini ohamba phambili kwiligi yakuleli. Uyinjini yeSundowns enkabeni yenkundla njengoba esiza ekuxhumaniseni izitobha nabahlaselayo.

Ngakolunye uhlangothi, uMonare naye uyakwazi naye ukunqamula iminyakazo yezimbangi bese ekhuphuka nebhola eyosiza ekuhlaseleni. 

Ozokwazi ukulawula isimo maphakathi nenkundla phakathi kukaMonare noMokoena uzosiza iqembu lakhe lidlale kangcono. 

Nkosinathi Sibisi v Peter Shalulile

Usanda kubuya ekulimaleni kwakhe uShalulile futhi akakaze abukeke sengathi ufuna ukuyeka ukushaya amagoli njengoba esaqhubeka lapho ayegcine khona. 

Ukushaya kwakhe igoli bebhekene neKaizer Chiefs emlenzeni wesibili walo mqhudelwano kukhombisile ukuthi uma engagadisisiwe ukunqumela ogodweni.

Ikhono lalo mgadli kuSundowns limenza abe ngumdlali oyingozi. Kusho ukuthi uSibisi kuzomele abe seqophelweni eliphezulu aqinisekise ukuthi uShalulile akalitholi kalula ibhola.

FUNDA NALA: UMashamaite uhlonza okugqozisa imiphumela kwiChiefs

Naye uSibisi uyathembisa njengoba elokhu eqhubeka nokusebenza ngokuzimisela nokuzikhandla emuva kwiBucs, futhi cishe nguye ozobe egade lo mgadli waseNamibia.