EzakamuvaIbhola

MTN8: UKhuzwayo ukhuza abayela ukumosha ezinkundleni

ALFRED NGUBANE

UBrilliant Khuzwayo, owayengunozinti kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, usennxuse abalandeli beBucs ukuthi bagcwalise iMoses Mabhida Stadium. 

Uthi ukubona abalandeli babo kuyabakhuthaza abadlali ngoba basuke bebona ukuthi basathandwa ikakhulukazi uma imiphumela yakamuva kade ingemihle. 

Kulindeleke igcwale phama le nkundla yaseThekwini njengoba iPirates izogadulisana kuyo neMamelodi Sundowns bebanga isicoco seMTN8. 

“Ithimba labaqeqeshi be-Orlando Pirates eliholwa nguJose Riveiro mina ngiyalithemba kakhulu njengoba ngesizini edlule benqobe izindebe ezimbili. 

“Ngakho lo mqeqeshi kumele noma kanjani simusekele khona ezozethemba yena nabadlali bakhe,” kusho uKhuzwayo. 

UKHuzwayo ukhuze nalabo abasuke beyele ukuyoyinyova enkundleni, okuthi uma izinto zingahambi ngendlela abafina ngayo bese benza izinto ezingasile.

“Akumele siyele izinhloso ezingezinhle enkundleni nezingadala umonakalo omubi kubaqeqeshi.” 

Kulindeleke ukuthi lezi zikhondlakhondla zamaqembu ebhola lakuleli zinike abalandeli umdlalo omuhle. 

Ngokuvamisile, uma ehlangene lamaqembu ayaye adlale ibhola elisezingeni eliphezulu kakhulu. 

Abalandeli balamaqembu kulindeleke ukuthi bangahlaliphansi umdlalo uqala uze uyophela ngenxa yebhola elibhekwe kulamaqembu. 

KwiPirates kuzobe kubhekwe abadlali abafana noMonnapule Saleng, Patrick Maswangayi, Ndabayithethwa Ndlondlo noZakhele Lepasa.

FUNDA NALA: UBroos ukhala ngoNtseki omfake ‘kwi-voicemail’ 

KwezikaRulani Mokwena khona kubhekwe oThemba Zwane, Peter Shalulile, Aubrey Modiba, noKhuliso Modau ukuthi babe ngamaqhawe.