IThwihli Thwahla engozini ‘yokuyothwihliza’ kweyokuhlunga
SIHLE NGUBO
IRoyal AM, noma iThwihli Thwahla, aziyihambeli kahle izinto kule sizini egoqwayo, futhi isimo kungenzeka sibe sibi kakhulu kunakuqala.
IThwihli Thwahla iyibambe endaweni ka-14 ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-27. Ishiya iRichards Bay ngamaphuzu amabili kuphela.
Yize isele emuva ngomdlalo owodwa kodwa isimo sayo nomgqigqo wayo wakamuva, kwenza ibukeke isengozini yokudlala imidlalo yokuhlunga.
EzikaShawun “MaMkhize” Mkhize zishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ePitoli, ngempelasonto.
Ngebhadi lalo leli qembu laKwaZulu-Natal, kuzomele liphinde lidlale nompetha beligi, iSundowns, eHarry Gwala Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Uma iThwihli Thwahla ingawunqobi lo mdlalo, noma idlale ngokulingana okungasenani, ingcindezi izoqonga kakhulu kuyona.
Lokho kuzobe kusho ukuthi kumele inqobe nakanjani uma seyibhekene neChippa United khona eHarry Gwala Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Leli qembu kungalifakela ingcindezi ephindiwe ukuyodlala neMoroka Swallows eDobsonville Stadium, ngoMeyi 25, kungakacaci ukuthi lisindile yini ekuyodlaleni imidlalo yokuhlunga.
IZinyoni nazo zizabalazela ukungayi emidlalweni yokuhlunga uma sekusongwe isizini yePremiership.
ISwallows imangaze abaningi ishaya iStellenbosch FC ngo 2-0 ngempelasonto.
Bekungokokuqala iStellies ishaywa emidlalweni engu-19 ingayazi induku.
Alikho iqembu elingathi linomdlalo olula njengoba sezihubela sakusha emidlalweni yeDStv Premiership.
INatal Rich Boyz, esemhlane weRoyal AM ngamaphuzu angu-27, yenze obekungalindelekile ishaya i-Orlando Pirates ngo 1-0 e-Orlando Stadium, ngempelasonto.
Lokhu kuqinisekise ukuthi iCape Town Spurs idliwa yizembe, nokuthi iBay inethuba lokubalekela imidlalo yokuhlunga ekupheleni kwesizini.
Emdlalweni olandelayo iNatal Rich Boyz izobhekana neCape Town City, eDHL Cape Town Stadium, ngoMgqibelo.
FUNDA NALA:Â ElasePitoli libangisa iChiefs kunozinti ozovala esikaKhune
Izobe seyivala imidlalo yePremiership ngokubhekana neStellenbosch FC eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMeyi 25.