Nakhu okuhlaluke kowamanqamu kwiMTN8 iPirates ibhaxa iDowns
I-Orlando Pirates ivikele isicoco sayo seMTN8 ngemuva kokunqoba ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi ibhekene nezimbangi zayo ezindala iMamelodi Sundowns eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Womabili amaqembu awakwazanga ukushaya igoli, ngisho nangemva kwesikhathi esengeziwe, njengoba umdlalo uphele zibambene kungenagoli.
Kube sekukhahlelwa amaphenathi kanti unozinti wamaBhakabhaka, uSipho Chaine, uvele wagila izimanga, wavimba amaphenathi amathathu phambi kwenkundla ebigcwele phama eThekwini.
Nazi izinto ezine esizifundile kolo mdlalo wamanqamu weMTN8:
- Ubuqhawe bukaChaine
UChaine akayena nje unozinti ojwayelekile futhi ufanelwe ukubongwa kakhulu ngobuqhawe bakhe kowamanqamu.
Ukhiphe uThemba Zwane inkani, evimba ibhola lakhe ebeliyingozi emizuzwini emihlanu yokuqala.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubengeyona intandokazi kwiiBucs ngaphambi komdlalo wamanqamu njengoba abanye babalandeli bebewangabaza amandla akhe.
Kuthe sekukhahlelwa amaphenathi waziveza ukuthi amandla akhe angakanani evimba amaphenathi oBongani Zungu, Junior Mendieta noTeboho Mokoena.
Abaningi bebelindele ukuthi uRonwen Williams nguye ozovelela uma sekuyiwa kumaphenathi kodwa kwaba uChaine ophuma eyiqhawe, wafaka igama lakhe ezinhliziyweni zabalandeli.
- I-Orlando Pirates ayinalo uvalo ngeMamelodi Sundowns
Esikhathini lapho amaqembu amaningi eDStv Premiership esaba ukuyobhekana namaBrazilians, iPirates yona ikhombise ukungayigqizi qakala iSundowns.
Ngisho nalapho iSundowns iyihlulwa ngo 1-0 koweligi, ezikaJose Riveiro zakhombisa ukungayenqeni.
Nangesizini edlule iPirates yenza okwakungabhekiwe ngesikhathi ikhipha iSundowns esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8.
Osekusele manje wukuthi iPirates idlale ngalo mdlandla ewukhombise kowamanqamu nasemidlalweni yeligi ukuze ivale igebe elivulwe yilezi zinkunzi zaseTshwane.
- UJose Riveiro unguchwepheshe wezindebe
UJose Riveiro weza eNingizimu Afrika engenagama. Wathathwa kancane futhi kwathiwa ‘unguplamba’ ezinkundleni zokuxhumana.
Kumasizini amabili nje eyibambe kwiPirates, lo mqeqeshi waseSpain usaqhubeka nokubagwinyisa amazwi abo labo abangamethembi.
Uzakhela ugazi nodumo lokuba nguchwepheshe wezinkomishi kuleli njengoba sekubhekwe ukuthi asale esezidla nezisasele kule sizini.
Ngesizini edlule udle izindebe ezimbili okuyiyo iMTN8 neNedbank Cup. Umqhudelwano olandelayo okhona yiCarling Knockout Cup, ethatha indawo yeTelkom Knockout.
URiveiro uzophinde athuthukise isithunzi sakhe uma engaphinda afake iPirates kowamanqmau kule ndebe entsha.
- Ungalinge uyithathe kancane iPirates
Bambalwa kakhulu abebebona iPirates inethuba lokubuya iphila kwiSundowns isidle isicoco esihambisana nesamba sika-R8 million.
Ingene kulo mdlalo ingathenjiwe kulandela ukuphuma kwayo kwiCaf Champions League, iwashisw aijezi yiJwaneng Galaxy yaseBotswana.
FUNDA NALA: UMokwena uthi bebengazigwazela ibhece kwiPirates
ISundowns bekulindeleke ukuthi izihubuluzele kalula nje. Nokho ifice iqembu elinenkani yesele, elizimisele ngokusigcina isicoco salo futhi lingaphoxi inqwaba yabalandeli balo.