UMokwena uthi bebengazigwazela ibhece kwiPirates
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, useveze imicabango yakhe ngokuhlulwa kweqembu lakhe yi-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu kwiMTN8 eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
Umdlalo wamanqamu obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium ebigcwele phama, uphele zibambene kungenagoli.
Kuthe uma sekuyiwa phansi kwepali la indaba iphelele khona, kwakhonya iPirates, ivikela isicoco sayo.
Unozinti wePirates, uSipho Chaine, nguye obe yiqhawe ngokuvimba amaphenathi amathathu okuqala. Uqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo.
Yize alalandeli bebejabule futhi becula benze kube mnandi enkundleni, umdlalo awuxange ufike ezingeni ebelilindelekile.
Umoya onamandla wenze ukulawula ibhola kwaba nzima, okuholele ekutheni kube wumdlalo ongemnandi kakhulu.
UMokwena uzwakalise ukuziqhenya ngabadlali bakhe ngokusebenza kwabo ngokuzikhandla futhi ubona bekufanele banqobe.
Ngokubona kwakhe, iSundowns beyingazigwazela ibhece nje ukube beyibukhali phambili njengoba kuyiyo ebiyakha aamathuba okushaya amagoli, iPirates dololo.
“Bekumele siyiwine. Maningi amathuba okushaya amagoli esiwatholile emizuzwini engu-120 ekubeni i-Orlando Pirates ayitholana nelilodwa,” kusho uMokwena.
UMokwena uhalalisele i-Orlando Pirates ngokunqoba kwayo futhi uncome abadlali bakhe ngokuzikhandla kwabo, ngisho nasesikhathini esinzima.
Ubalule ukuthi uPeter Shalulile udlale elimele kodwa wangakusebenzisa njengezaba, egcizelela amandla nokuzimisela kweSundowns.
“Besisesimweni esinzima. UPeter (Shalulile) udlale elimele kodwa ngalokho asenzi izaba. Sizoqhubekela phambili, siyiMamelodi Sundowns, siqinile.”
Nokho, uMokwena ukuvumile ukuthi ukushaywa kwamaphenathi kusuke sekuyinto kanoma ubani onenhlanhla ngalolo suku, wakufanisa neLotho.
Uphethe ngokuzwakalisa ukuziqhenya ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo, wavuma nezinselelo zokudlala imidlalo eminingi ilandelana.
FUNDA NALA: Sipho Chaine! Unozinti weBucs ube yi-‘Lembe’ behlula iDowns
Uzwakalise nokuzethemba ngekhono labo lokuvuka bayibambe ngemuva kwalokhu kuphazamiseka.