EzakamuvaIbhola

Kudlalelwa ibheji kwiBucs, libala yimali, kusho inkakha yeqembu

UPatrick Thwala, owazakhela igama kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns useveze obala ubunjalo be-Orlando Pirates. 

Le nsizwa engasukanga okutheni egadeni, ithi uma udlalela leli qembu kumele wazi ukuthi usuke udlalela umlando nodumo kuphela. 

“Mina njengomdlali ngisuke ngifuna imali, kodwa uvele utshelwe ngoJerry Sikhosana ukuthi bangenisa iCaf Champions League neCaf Super Cup neligi…

“Manje nawe kusamele ungenise lezi zindebe ngaphambi kokukhuluma eyemali. 

“Enye into abakugabisela ngayo wukuthi usuke uzidayisa kwamanye amaqembu amakhulu aphesheya kwezilwandle ngoba i-Orlando Pirates yiqembu elaziwa umhlaba wonke. 

“Manje uyakhona ukubekezela ngenxa yalokho,” kuchaza umfo kaThwala. 

Le nkulumo kaPatrick Thwala ifakazelwe nguThulasizwe “Juju” Mbuyane, wathi akuholwa le mali abantu abayicabangayo kwiPirates. 

Uthe uyafana nje nomuntu ojabulela ukufaka umfaniswano wefemu engaholeli. 

“Kumele uma ngabe ufuna imali usho ukuthi uzolungisa umuzi wasekhaya, kuhanjwe  uyothengelwa lezo mpahla zokwakha umuzi. 

“Uma usushiyile kwiPirates yilapho uqala khona ukubona imali. Mina ngaqala ukubona imali kwiMpumalanga Black Aces.” 

Sekukaningi ke abadlali abake bagijima kuleli qembu bekhala ngemali futhi kubo singabala oBenedict “Tso” Vilakazi, Joseph “Dukuduku” Makhanya, noLebohang “Cheese” Mokoena.

FUNDA NALA: Sukazi: Ukwazi imali yeCarling Knockout bekuzonyusa ugqozi

Kumele kuqapheleke nokho ukuthi iPirates ngelinye lamaqembu acebile kwiligi yakuleli.