EzakamuvaIbhola

Angazithola esenkingeni uMonare weBucs ‘oshise impama’ 

Umdlali we-Orlando Pirates uThabang Monare angase abe senkingeni njengoba sekuvela izinsolo ezimbi zokuthi usakaze umfana oqoqa amabhola ngempama. 

Lesi sehlakalo senzeke emdlalweni obuseKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo la iPirates ibambane khona neRichards Bay ngo 0-0.

UMonare uzakhele umlando omubi eba ngumdlali wokuqala kule sizini ukukhishwa ngekhadi elibomvu engakangeni nasenkundleni. 

Ikhadi liphume ngemuva kokuthi uMonare nozakwabo uSephelo Baloni kade bexabana nalo mfana oqoqa amabhola, beboba sengathi umosha isikhathi. 

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi umdlalo usuya ngasekupheleni futhi iPirates ihlasela ngamandla ifuna igoli lokunqoba.

Asiphethanga ke kahle kkuMonare njengoba unompempe uJelly Chavani emkhiphe ngekhadi elibomvu uMonare. 

Lo mfana okuthiwa ushayiwe uze wadinga usizo lokwelashwa. Manje sekuvela ukuthi iRichards Bay ifuna ukulusukumela lolu daba. 

Ngokubika kwePhakaaathi, uma engasukumanga waxolisa ngokushesha uMonare, izothatha izinyathelo ezilandelayo. 

“Okwenzekile bekungafanele, ikakhulukazi kumdlali osezingeni likaMonare,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Usenesikhathi eside ekulo mdlalo futhi ukumbona enza leyanto kuloya bekuvele kuyinto engamfanele nje neze. 

“Ungumdlali onamava, kufanele abe ngumholi futhi kufanele enze kangcono. 

“Iqembu licabanga ukumthathela ezinye izinyathelo. Umfana ubengemuhle neze ngoMgqibelo kanti bafuna uxolo olufanele kuMonare ngakwenzile. 

“Uma engakwenzi lokho, kungase kube nesinye isinyathelo,” kuchaza lo mthombo.

“Kodwa ngifuna ukubona ukuthi ngabe kukhona yini okuzokwenziwa yiPremier Soccer League (PSL) ngoba lokhuya kuziphatha akwamukelekile futhi kufaka iligi ehlazweni.”