Abuyisa izinkakha ezizohlwaya ikhono AmaZulu
ALFRED NGUBANE
AmaZulu FC asondeza abadlali abayibamba kuleli qembu kudala, ngenhloso yokusebenzisana nabo ekuhlwayeni abadlali abanohlonzo emazingeni aphansi.
Kudala ke kunombuzo wokuthi kungani AmaZulu engasondezi abadlali abazakhela igama kuwo abaliqonda kahle isiko loSuthu.
Lesi sikhalo sesigcine silaphekile njengoba Usuthu seluzoqala ukusebenzisana noSimon “CCV” Magagula, Wonderboy Ngcoya, Jabulani “uMthwal’unzima” Ndwandwe no-Ace Nzimande.
Lezi yizinkakha ezazakhela igama kuMaZulu ngeminyaka ya-1980 no-1990 kanti ukusondezwa kwabo kuyisinyathelo esihle.
Ukulandwa kwabo kuyingxenye yezinguquko ekuphathweni kweqembu okwakuthenjiswe umengameli waMaZulu uSandile Zungu.
Kusanda kuqashwa insizwa yasePortugal, uPerdo Dias njengomqondisi kuleli qembu. Lokhu kubonakale kuyisinyathelo esilandela iMamelodi Sundowns.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZungu wathi uzolibumbela ukuthi kushaye u-2026 AmaZUlu engasabambeki, esewola izicoco.
AmaZulu agcina ukunqoba indebe ngeyeCoca-Cola Cup ngo-1992, engengaphansi kwesandla sikaClive Barker ongasekho emhlabeni.
Ngo-2009 Usuthu lwangena kowamanqamu kwiNedbank Cup, lapho labuya nenduku yombangandlala ngaphansi kukaNeil Tovey.
Ngesizini edlule, liphinde langena kowamanqamu kwiMTN8 kodwa nakhona abuya elambatha, indebe ihamba ne-Orlando Pirates.
Ngaleso sikhathi beiqeqeshwa uRomain Folz. UBenni MaCcathy nguyena mqeqeshi oseke wathembisa impumelelo kuMaZulu.
FUNDA NALA: UMdantsane uzobanika lokho abakubheke kuye kwiBafana: Ntseki
Wawaqedisa endaweni yesibili kwilogi, angena nawki Caf Champions League okukuqala emlandweni wawo.