UPule uvuleleke ngesehlo esacishe sadlula nempilo yakhe
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uVincent Pule, uvule isifuba ngesigameko esibuhlungu asinde ngokulambisa kuso muva nje.
Ukusinda kukaPule yinto ecishe ibe yisimangaliso njengoba azithola evalelwe ebhuthini yemoto ngabantu ababemthumba.
Lolu sizi waluthwala amahora amahlanu wonke ngaphambi kokuthi aphume kulo.
Akukhona okokuqala umdlali wePirates ebhekana nesimo esingesihle njengoba noMonnapule Saleng ake walinyazelwa imoto esehlakalweni okukholakala ukuthi kwakungesokuzama ukumlimaza.
UPule uxoxe kabanzi ngalesi sigameko esamahlela ochungechungeni lweSuperSport TV olukhuluma nge-Orlando Pirates, olwaziwa ngokuthi “yiBucs Camp”.
“Ngaya egaraji likaphethiloli ngiyothenga isinkwa ngihamba nomkami nengane yethu. Ngemuva kokuthola isinkwa nesiphuzo ngabuyela emotweni.
“Kodwa ngesikhathi ngibheke emotweni ngezwa sengathi kukhona ongilandelayo,” kuchaza uPule.
“Kwathi ngiqeda ukuvula isicabha semoto, ngezwa ngento ethi ngqi, kukhona ongibamba kabi ngemuva.
“Wangibamba wathi angihambe, engikhombisa imoto yabo. Ngabancenga ukuthi bengamenzi lutho umkami nengane.
“Bangithatha bangifaka emotweni yabo base bezulazula nami ubusuku bonke.”
Ngemuva kwamahora amahlanu, uPule wadedelwa, kodwa akazange asho ukuthi kukhona yini abamthathela khona kulesi sigameko.
Wadedelwa ndawana thize ngaseSoweto, kodwa wagcina ekwazile ukuthola igaraji likaphethiloli la afike wacela khona usizo.
“Kwaqala bengihlalise esihlalweni esingemuva emotweni kodwa babuye bangisusa lapho, bangicalela ebhuthini.
“Ngahlala ebhuthini cishe amahora amahlanu kuya kwayisithupha bangishiya ehlathini elithile ngaseSoweto ngabo-1 ekuseni.
“Angazi muntu eSoweto, kodwa kwakumele ngenze icebo lokubuyela ekhaya. Okunye okwangisiza wukuthi angizange ngithuke.
“Ngagijima kuthe ngemuva kwesikhashana ngaqala ukubona izimoto ngaya ngakuzo ngaze ngafika egaraji likaphethiloli.
“Ngenhlanhla kwafika umshayeli we-Uber ngamcela ukuthi angihambise ekhaya, nangempela wakwenza lokho.
FUNDA NALA: Uyise kaMaema wayengayizwa eyokuthi aye kwiSundowns
“Kodwa waqala akangangibonona ukuthi ngingubani, kodwa ngemuva kwesikhashana wabona ukuthi ngingubani wabe esevuma ukungisiza.”