IChiefs ibamba iyeka ngabalimele ngaphambi kokubhekana nePirates
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, uveza abadlali abangeke badlale emdlalweni womkhaya ngempelasonto ngenxa yokulimala.
Uveze lokhu ngesikhathi ephawula ngomdlalo womkhaya weBetway Premiership, phakathi kweChiefs ne-Orlando Pirates, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Lo mdlalo uhlale ubhekwe ngabomvu ekhalendeni lePremier Soccer League (PSL), futhi usho lukhulu kubalandeli bala maqembu womabili.
Ziya kowomkhaya waseSoweto nje, iChiefs nePirates basazikhotha amanxeba kulandela ukushaywa emidlalweni edlule, ngokwehlukana kwabo.
IChiefs ithelwe othulini yiStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, eke yahamba phambili kuwona ngo 1-0 ngoLwesibili, eFNB Stadium.
Ngakolunye uhlangothi iPirates igcine ishaywe ompetha beligi iMamelodi Sundowns ngo 2-1, osekuholele ukuthi igudluke esicongweni selogi yePremiership.
UKaze uthe uyazi ukuthi umdlalo omkhulu lona kodwa isimo kumele bakwazi ukusilawula.
“Yiqiniso ukuthi amaphaphu aphezulu kodwa isonto lonke uzama ukwehlisa ingcindezi,” kusho uKaze esithangamini nabezindaba ngoLwesine.
“Lokhu kuhlukile kuneminye imidlalo lapho kumele ugqugquzele abadlali, ubakhombise ukuthi kubaluleke kangakanani…
“Kodwa emdlalweni ofana nalo kumele ulawule isimo kahle ngoba uma wesese kakhulu noma ingcindezi inkulu, ufikelwa ukwesaba bese okumele kwenziwe kungacaci kahle emiqondweni yawo wonke umuntu.
“Kubalulekile kakhulu ukuthi sisuse imizwa ngalo mdlalo ukuze sikwazi ukwenza lokho esikuhlelile.”
IChiefs ibukeka intenga kakhulu emuva, nokushiya imibuzo yokuthi izobavimba kanjani abadlali bePirates abahlasela kuvalwe amehlo.
Leli qembu laseNaturena linabadlali abathintekile, abazowuzwa ngendaba umdlalo womkhaya.
“Uma sikhuluma ngabadlali abalimele, yiqiniso ukuthi u-Inacio Miguel uphuthelwe imidlalo embalwa ngemuva kokuthinteka sibhekene neStellenbosch, emdlalweni weCarling Cup,” kuqhuba uKaze.
“Useke waziqeqesha kabili isikhashana neqembu kodwa uzohlolwa kahle namuhla (ngoLwesine) ukuze sibone ukuthi uzodlala yini.
“USibongiseni “Ox” Mthethwa useke waziqeqesha neqembu kahlanu esikhathini esedlule kodwa akawona umqemane. Angasiza kodwa akawona umqemane ngo-100%.
“Ngasohlangothini luka-Etiosa Ighodaro, ngeke adlale futhi ubengakabuyi ukuziqeqesha neqembu.
“UThabo Cele ubuyile ekulimaleni futhi angasiza. Kanjalo noBradley Cross (ubuyile).
“U-George Matlou ngeke adlale. URushwin Dortley akakazubuya naye.”
Amakhosi azozama ukunqoba lo mdlalo womkhaya ukubuyisa ukuzethemba kubadlali nokuqinisa ithemba kubalandeli.
Egcina ukuhlangana la maqembu emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, kunqobe iChiefs ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi nyakenye.

