EzakamuvaIbhola

Uyisibonelo esihle umdlali weChiefs ngokunquma ukushadelwa

SIHLE NGUBO 

Isinqumo somdlali osemncane weKaizer Chiefs, uNkosingiphile Ngcobo, sokushadelwa, sibukeka siphusile futhi sizomhlenga ezintweni eziningi.

NgoLwesihlanu kusabalale izithombe lapho lo mdlali, oneminyaka engu-24, ebeshada nowakwakhe igama lakhe eligcine lingatholakanga. Lesi senzo sikaNgcobo sibamangazile abaningi kodwa basale bencoma isibindi saleli nxele.

Abadlali abaningi abaseminyakeni kaNgcobo bayazigruvela baphinde babe nenqwaba yezintombi. Lokhu kugcina kungenawo umthelela omuhle njengoba abanye babo (uma kungebona bonke) bezithola bengasenamali ngemuva kokuwagaxa emgibeni amakhokho abo.

Ukushadelwa akusho ukuthi ngeke uzithole unezinkinga ezifana nokwehlukanisa bese ulahlekelwe yikho konke. Nokho sekubonakele kaningi ukuthi abadlali abangaphiki nokujaha amantombazane nokugruva, abazisoli ngokusaphaza imali ekugcineni.

ULerato Chabangu, owake wadlalela iMamelodi Sundowns neMoroka Swallows, uke wavela ohlelweni i-I blew it, lapho ekucacise khona ukuthi imali wayibhubhudla budlabha namantombazane notshwala.

UChabangu, owayeyibamba kwiBafana Bafana, akasenalutho manje kanti nezinsuku zakhe zokudlala ibhola kade zafinyelela esiphethweni. Amantombazane nabangani ayedla nabo imali abasabonwa.

Iningi labadlali bebhola lombhoxo lishadelwe nokuyinto ebaqoqa kakhulu. Banemizi emihle nemindeni ehloniphekile.

Okwenziwe uNgcobo kukhombisa ukukhula futhi kumele kube yisibonelo kwabanye abadlali bebhola. Laba dlali bahola imali eningi ngakho banethuba elihle lokuthenga imizi nokubeka imali kusakhanya.

Akuyona yonke imishado ephumelelayo kodwa kungcono ukuziqoqa nokuzama ukwakha umndeni kusakhanya, kunokuhubhana namantombazane notshwala bese ugcine sewudabukisa. Uyindoda Ngcobo.