EzakamuvaiDStv Premiership

Inkinga enkulu kwiChiefs ngaphambi kowoSuthu

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCalvin Johnson, useveze ukuthi unabadlali angeke akwazi ukubasebenzisa uma sebebhekene naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership naMaZulu ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

UJohnson udalule ukuthi abadlali basemuva uDillan Solomons noReeve Frosler ngeke badlale kowoSuthu eMoses Mabhida Stadium ngenxa yokulimala.

Abanye abangekho kulo mdlalo ngo-Edmilson Dove noGiven Msimango abazobe bedonsa isigwebo samakhadi abomvu abawathole emidlalweni embalwa edlule yeChiefs.

Naphezu kwalezi zingqinamba, uJohnson usanethemba lokuthi unabadlali abenele eqenjini lakhe ukuthi kungabonakali ukuthi kukhona abangekho. 

ā€œSekukonke siziqeqeshe kahle. Abafana babukeka benethemba,ā€ kusho uJohnson0. ā€œSike saba nezingqinamba ezimbalwa emuva ngenxa yokumiswa kuka-(Edmilson) Dove noGiven (Msimango), nokulimala kukaDillon Solomons noReeve Frosler sidlala neTS Galaxy.

ā€œKodwa, siyiKaizer Chiefs futhi ngeke sikusebenzise njengezaba lokho. 

ā€œAbadlali abazongena badlale bakulungele ukudlala nokwenza umsebenzi uma sesibhekene naMaZulu.ā€

Uthe sebewahlaziyile AmaZulu futhi bayakwazi abazobhekana nakho kulo mdlalo.

ā€œSiyibonile indlela abadlala ngayo ngokujwayelekile, yize lokho kungashintsha. 

ā€œNgokuvamile badlala becindezele baye phambili futhi basebenzisa umgadli oyedwa nabadlali basemuva abanyukayo bayohlasela. 

ā€œBanabadlali abahle abakwazi ukudlala ezikhaleni ezincane, kodwa sisebenze ngezindlela zethu zokubadalela izinkinga.ā€

AmaZulu wona azobe engenaye uSede Junior Dion uma esebhekene neChiefs ngeSonto. 

Lo mgadli udonsa isigwebo samakhadi amabe aphuzi amathole emidlalweni edlule.