EzakamuvaiDStv Premiership

Inkinga enkulu kwiChiefs ngaphambi kowoSuthu

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCalvin Johnson, useveze ukuthi unabadlali angeke akwazi ukubasebenzisa uma sebebhekene naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership naMaZulu ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

UJohnson udalule ukuthi abadlali basemuva uDillan Solomons noReeve Frosler ngeke badlale kowoSuthu eMoses Mabhida Stadium ngenxa yokulimala.

Abanye abangekho kulo mdlalo ngo-Edmilson Dove noGiven Msimango abazobe bedonsa isigwebo samakhadi abomvu abawathole emidlalweni embalwa edlule yeChiefs.

Naphezu kwalezi zingqinamba, uJohnson usanethemba lokuthi unabadlali abenele eqenjini lakhe ukuthi kungabonakali ukuthi kukhona abangekho. 

“Sekukonke siziqeqeshe kahle. Abafana babukeka benethemba,” kusho uJohnson0. “Sike saba nezingqinamba ezimbalwa emuva ngenxa yokumiswa kuka-(Edmilson) Dove noGiven (Msimango), nokulimala kukaDillon Solomons noReeve Frosler sidlala neTS Galaxy.

“Kodwa, siyiKaizer Chiefs futhi ngeke sikusebenzise njengezaba lokho. 

“Abadlali abazongena badlale bakulungele ukudlala nokwenza umsebenzi uma sesibhekene naMaZulu.”

Uthe sebewahlaziyile AmaZulu futhi bayakwazi abazobhekana nakho kulo mdlalo.

“Siyibonile indlela abadlala ngayo ngokujwayelekile, yize lokho kungashintsha. 

“Ngokuvamile badlala becindezele baye phambili futhi basebenzisa umgadli oyedwa nabadlali basemuva abanyukayo bayohlasela. 

“Banabadlali abahle abakwazi ukudlala ezikhaleni ezincane, kodwa sisebenze ngezindlela zethu zokubadalela izinkinga.”

AmaZulu wona azobe engenaye uSede Junior Dion uma esebhekene neChiefs ngeSonto. 

Lo mgadli udonsa isigwebo samakhadi amabe aphuzi amathole emidlalweni edlule.