‘Bengingeke ngisayine izinkontileka ezimbili neBay,’ kusho uKanu
SIHLE NGUBO
Obengumqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, uthi ubengeke ayivume eyokusayina izinkontileka ezimbili neqembu.
UVilakazi usanda kuhlukana neNatal Rich Boyz ngoMsombuluko, nokuyinto eshiye abalandeli bebhola bemangele. Okwethuse kakhulu ukuthi usihlalo weBay, uJomo Biyela, ubelokhu egcizelela ukuthi uVilakazi akayi ndawo, kwaze kwaba kabili ngokwehlukana.
Lo mqeqeshi ufike kwiBay izinto zingahambi kahle ngesizini edlule. Iqembu liqede endaweni ka-15 kwilogi ladlala imidlalo yokuhlunga. Ligcine liyinqobile le midlalo lagcina indawo yalo kwiBetway Premiership.
“Kunenkontileka esayisayina nosihlalo (uBiyela) emasontweni amathathu noma amane edlule. Sobabili sasayina, uMike (Makaab) uyena ophethe izindaba zami, naye wayekhona,” kusho uVilakazi ekhuluma no-Andile Ncube kwiMetro FM.
“Ezinsukwini ezintathu noma ezine ezedlule kunenkontileka iqembu elithe angiyisayine. Ngesikhathi ngibuka inkontileka beyifana nale engayisayina kodwa seyinemibandela. Bese kufakwe umthetho othinta ukuthi iqembu lizokwenza kanjani…
“Inkontileka bekungeyonyaka (okusho ukuthi izinyanga ezingu-12) kodwa lena ibisinombandela wokuthi ngingayivuselela ngomunye unyaka. Engikushoyo lapha ukuthi bese kukhona enye inkontileka.”
UVilakazi uthe yena ubengazimisele ngokuzifaka enkingeni ngokusayina enye inkontileka neBay.
“Nginqabile ukusayina le nkontileka ngoba sinenkontileka esayisayina sobabili (nosihlalo). Ngeke ngiqambe amanga ngithi umbandela wenkontileka entsha ubunzima. Bewuthi emidlalweni emihlanu kumele ngithole amaphuzu ayisishiyagalombili, okuyinto engakwazi ukwenzeka,” kuqhuba uVilakazi oke waqeqesha iLamontville Golden Arrows.
“Kodwa uma ubeka umbandela onjena kumele ubuke izinto ngendlela eyiyona. Ukwenza isibonelo nje, uma ngizodlala neKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, iStellenbosch FC neSuperSport United. Kumele sibuke uhlu lwemidlalo bese sithi lapha singawathola amaphuzu amathathu, mhlawumbe lana libe linye.
“Yinto nami engiyisebenzisayo njengomqeqeshi… Bekumele sihlale phansi siyibhunge le nto uma sesibone lonke uhlu lwemidlalo.”
Abekubekelwe uVilakazi bekuchaza ukuthi kumele aqede isizini enamaphuzu angu-48. Lokhu bekungabeka iqembu endaweni yesine kwilogi.
Lo mqeqeshi uthe bekungelula ukuthi enze lokho uma ebheka iqembu elikhona njengamanje.
“Njengamanje sikhuluma ngabadlali abangu-13 abasanda kufika eqenjini. Uma sinesikwati sabadlali abangu-25 lowo uhhafu wonke weqembu,” kuchaza uVilakazi.
“Isibonelo nje, uma ukuhlanganisa kahle iqembu kuthatha imidlalo eyisikhombisa uyazi lapho uhlulekile ukuthola amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emihlanu, ngakho kuphelile ngawe ngokwenkontileka.
“Nginenkontileka engayisayina nosihlalo, bengingeke ngisayine enye inkontileka.”
UVilakazi akaphikanga ukuthi ubone sengathi ubephushwa ukuthi aphume ngokusayiniswa inkontileka yesibili.
“Bengingaboni kuzokwenzeka ngendlela abebefuna ngayo. Njengomqeqeshi bengingafuni ukuzithola ngivika izembe ngakho bengizokwenza konke okusemandleni ukuthi iqembu liqede endaweni ehloniphekile kwilogi.
“Ngibatshelile ukuthi ngeke ngiyisayine inkontileka, uma befuna sivumelane ngokuthi sihlukana kanjani singakhuluma ngakho. Yikho bethi sivumelene ngokuhlukana.
“Sihlale phansi bangibuza ukuthi weneme ngalokhu, ngathi yebo ngijabule ngakho, ngingaphuma kwinkontileka.”
IBay kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaVilakazi ngoLwesithathu, njengokwethembisa kukaBiyela.