EzakamuvaIbhola

USiyabonga Ngezana uphawula ngokushiya kwakhe kwiChiefs

Njabulo Shezi

Ufikelwe yimizwa ehlukene ngesikhathi esisodwa uSiyabonga Ngezana ngesikhathi evalelisa kwiKaizer Chiefs. 

Lo mdlali wasemuva obenokungathenjwa abalandeli usezoyodlala kwiFC SB yaseRomania njengoba iChief simthengisele yona. 

Ungomunye wabadlali abakhulele enkulisa yeChiefs waze wakhushulelwa eqenjini elikhulu ngesikhathi sikaSteve Komphela. 

“Angazi ngikhale noma ngihleke,” ubhale kanje uNgezana kwi-Intsagram yakhe ngoLwesihlanu. 

“Ngibe nemizwa eminingi ehlukene ngalesi sinqumo engisithathile ngekusasa lami ebholeni. 

“Lesi kubbe yisinqumo esinzima kakhulu kimi nomndeni wamo kodwa ngangivele ngifisa ukuhamba kahle nangesikhathi esifanele. 

“Leso sikhathi sesifikile. Njengoba ngakhula ngingumlandeli waleli qembu nje, kube wukufezeka kwephupho ukuba yingxenye yalo. 

“Izinto ezinhle nezimbi esidlule kuzo zakhe izinkumbulo zokubambisana zaphakade,” kuqhuba uSiyabonga Ngezana. 

“Ngeke ngikwazi ukuchaza ngamagama uthando nokwesekwa engikuthole kulo mndeni weKaizer Chiefs nabalandeli kusukela ngosuku lokuqala kuze kube ngelokushiya.”

USiya Ngezana ube esebonga nabaqeqeshi abahlukene asebenze nabo kulesi sikhathi ekwiChiefs, athi bamakhile ngandlela thile. 

“Ngibona nabaqeqeshi ngokungeluleka kwabo namazwi anobuhlakazi abaqeqeshi abafana noSteve Komphela, Giovanni Solinas, Ernst Middendorp, Gavin Hunt, Dillon Sheppard no-Arthur Zwane. 

“Ngafika la ngingumfanyana omncane kodwa manje sengihamba sengiyindoda. Njengoba sengiphetha ibanga lami kuleli qembu, ngifisa ukubonga abasebenzi beqembu.

“Ngibonga abadlali, abaphathi (Gerald Sibeko) izikhulu (Kaizer Motaung Junior noBobby Motaung) nosihlalo uDkt Kaizer Motaung ngothando nokungeseka kwabo.”

Okuzophawuleka ke nokho wukuthi uSiya Ngezan useze uyashiya kwiChiefs engakaze aqukule indebe. Kodwa uyifisele ukuthi ibuyele kulelo zinga lakudala. 

“Ngifisela iqembu ukuthi libuyele ezikhathi zokunqoba futhi ngilifisela okuhle kodwa kule sizini ezayo. 

FUNDA NALA: Okusha ngoHashim Domingo olaxazwe yiSundowns

“Ngiyohlale ngingumlandeli waMakhosi 4 Life. Yimina uSiyabonga Ngezana, uSessa Stones, uTeaspoon phakela abantwana, uSgugula ungigugule uma ungangazi.”